Ukhala ‘ngethuna’ lamabhasi akwaDBS umphakathi wase Ntembeni

2015-09-24 06:00

UMPHAKATHI waseHopewell awuneme ngokuyekelelwa kwamabhasi othi awaphilile ahambela kule ndawo. Emasontweni amabili uvale kwasani oluhamba emgwaqweni omkhulu kule ndawo ngenhloso yokukhombisa ukunengeka kwawo.

Lo mphakathi obuwotha ubomvu uthi ukhathele amabhasi akwa Duzi Bus Services (DBS), owafanise nethuna elizihambelayo. Utshele iphephandaba i-Echo ukuthi sekuyiminyaka ekhuluma noMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ecela ukuba ashintshwe, kodwa ayaqhubeka ayasebenza. Aqhube ngokuthi isigameko sakamuva sokubuyisa la mabhasi ekuqaleni kwale nyanga emva kokuma inyanga yonke, siwuthukuthelise kakhulu umphakathi njengoba ubusuzizwa uphephile uhamba ngamatekisi.

Okhulumela amalungu omphakathi uMnu Sihle Madondo uthe: “Sekuyiminyaka singagculisekile ngokusebenza kwala mabhasi. Asebandakanyeke ezingozini eziningi kabi, ephonsa abantu emaweni ngenxa yokuthi awekho esimweni.

“Bekuthi uma sikhalazile kube ngathi azolungiswa, ngakusasa aqhamuke eseboshwe ngama ‘pantihose’. Ngonyaka odlule nje enye yawo ike yavutha ihamba. Phezu kwemizamo yethu yokunxenxa uMnyango wezokuThutha ukuba uwakhiphe njengoba uwaxhasile, asikutholi ukujabula.

“Okunalokho sathenjiswa ukuthi sizonikwa amabhasi amasha amathathu, nawo esagcina sithole ukuthi madala futhi sazibonela ngoba ekhandwa njalo.”

UMadondo uthe isimo sike sathi ukuthula endaweni emva kokuba umnikazi wawo uMnu Ramesh Gudar ebhale isaziso ukuthi ayagcina ngomhlaka 31 Ntulikazi (July).

Uqhube wathi ngoNcwaba bebethuthwa amatekisi okuthe ngoMgqibelo kwafika enye yalamabhasi.

“Kufike abakwa Shanela bakhipha amatekisi emgwaqeni bathi lamabhasi azoqhubeka nokusebenza. Thina sifisa uGudar aphucwe inkontileka njengoba izimpilo zethu zisengcupheni. Siwumphakathi waseNtembeni asisafuni ukuthuthwa ilamabhasi futhi asihlehli,” kusho yena.

Ethintwa ngalolu daba uGudar uthe akukho angakusho njengoba udaba lwakhe luphethwe eMnyangweni

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.