Ukucevuza kwenza kuhlalwe ema-clinic

2015-07-23 06:00

MHLELI: Ngithi akengiphawule nganantu udaba olungiphethe kabi emoyeni. Ziyaqhubeka nokwanda izinkinga emithola-mpilo engivamise ukuwahambela uma ngingaphilile.

Ave kubuhlungu ukuhlala isikhathi eside emthola-mpilo, ulinde usizo lokwelashwa kodwa ungalutholi ngendlela obuyilindele. Lapha ngibala inkinga yabahlengikazi yokungasheshi noma ukungqali ukusebenza ngesikhathi. Kungani abahlengikazi behlezi bezixoxela izindaba zabo ekubeni iziguli zigcwele phama endlini, zingasizwa ngalutho? Inkinga yokungena kwesiguli egunjini labagulayo cishe isikhathi esilinganiselwa emizuzwini engu-35 singaphumi.

Anginayo nencane inkinga ngomabhalane ngoba bayakwenza okumela bakwenze. Cha impela ngigculiseka kahle kakhulu ngabo.

Enye yezinkinga kubahlengikazi eyenza ukuthi izinto zihambe kancane yikho ukungafundiseki kahle kangangoba abanye babo bahlulwa ngisho nawukubhala kahle. Umuntu abhale sengathi ingane eyoqala ukufunda enkulisa! Kuzomele bakwazi ukufunda kahle.Nami angifundile nje njengoba ngazigcinela kwafesitiye kodwa angibhali kabi ngaleyo ndlela. Omunye engingeke ngilisho igama lalo lathi kimi: “awusho bhuti konjwe libhalwa kanjani igama elithi department”. Angibanga nenkinga, nampelela.

Kuningi okumele kwenziwe uMnyango wezeMpilo uma kusenje. Angeke ngikuthole ukuphumula ngalezi zinkinga.

S’BONISO MBEDU

KwaMncane, e-Elandskop

NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.