Umphakathi awuwuvali umlomo ngesimanga senkonyane

2015-05-21 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE



Esithombeni inkonyane ezalwe inkomo uDuntsu inamakhanda amabili nemisila emithathu.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Esithombeni inkonyane ezalwe inkomo uDuntsu inamakhanda amabili nemisila emithathu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UBAMBE ongezansi umndeni wakwaNdlela nomphakathi wakwaMpumuza e-60s ngenkomo yawo uDuntsu ezale inkonyane enamakhanda amabili nemisila emithathu.

Lesi sehlakalo esingajwayelekile senzeke ngoLwesine ekusen.

UMnu Sbusiso Ndlela ongumnikazi wezinkomo okunguye okube owokuqala ukubona lokhu uchaze lesi sehlo njengomshophi. UNdlela uthi njengokujwayelekile uvuke ekuseni wayobheka izinkomo esibayeni. Uqhube wathi uthe uma ebheka wathola ukuthi uDuntsu akekho kanye nezinye izinkomo esibayeni. Uthe lokho akuzange kumthuse ngoba vele uDuntsu ubengasabi semhlambini owodwa nezinye izinkomo njengoba ubemithi.

“Ngiqhubekile ngayibheka le nkomo nokuthe uma ngiqhubeka nokubheka ngayithola kamakhelwane. Ngithe uma ngisondela kuyona ngathola ukuthi iyafa izinhlungu futhi sekuvele umlenze owodwa wenkonyane leli le nkomo elimithi.

“Nami ngididekile ngibe sengitshela umakhelwane futhi ngimbuza ukuthi ngabe yini engingayenza ukuze ngikwazi ukuyisiza inkomo ngoba ibibonakala ukuthi isezinhlungwini ezinkulu.

“Ube esengiyalela ukuthi angigcobe insipho eyisigaxa i-sunlight bese ngizama ukubuyisela umlenze lo ovelile ngaphakathi ngokuwudusha ubuyele esiswini.

“Nangempela ngikwenzile lokho ngagcoba insipho, ngazama ukuyibuyisela phakathi yagcina ibuyelile.

“Bengibona nokho ukuthi inkomo yami iyafa izinhlungu kodwa ngazama ukubuyisela ngoba ngibona ukuthi izinhlungu zimuka naye uDuntsu.

“Ngokubona ukuthi isimo sezinhlungu siyaqhubeka sigcine simthathile samfaka enqoleni edonsayo salibangisa edolobheni kudokotela wezilwane,” kusho uNdlela. Uqhube wathi bathe uma befika kudokotela wabatshela ukuthi into angakwazi ukuyenza ukuthi ayihlinze kodwa nakho okuzoba imali.

“UDokotela usitshele ukuthi ukumhlinza kuzobiza izinkulungwane ezine (R4 000) bese kuba nenye inkulungwane (R1 000) ngaphezulu. Waphinda waveza ukuthi uma eyihlinza ngeke kube nesiqiniseko sokuthi izoqhubeka iphile, okungenzeka iphile isikhathi esingangesonto nje qha. “Ube esesiluleka ngokuthi okunye esingakwenza ukuthi inkomo lena siyihlinze thina. Ngokubona ukuthi imali ebeyidingakala ayikho ngaleso sikhathi sikhethe ukuthi siyihlinze thina nesigcine sikwenzile,” kubeka uNdlela. Omunye obesemzini wakwaNdlela obesabambe ongezansi mayelana nalokhu, induna yezinsizwa uMnu Moses Mbatha.

Ekhuluma emangele, uMbatha uthe lokhu bayakuqala futhi kubathusile.

“Selokhu ngaba khona emhlabeni kungokukuqala ngqa ngibona into enjena. Isithusile kakhulu le nto siwumphakathi namanje kusafana nenganekwane kithina. Esikwaziyo ukuthi kuye kwenzeke kubantu ukuthi babelethe abantwana abakulesi simo hhayi ezilwaneni.

“Kuyaqala kule ndawo yethu ukuthi kube nenkomo ezala inkonyane elinamakhanda amabili nemisila emithathu. Ukube liphilile inkonyane asazi ukuthi bekuzoba hlobo luni lwenkomo,” kusho induna yezinsizwa.

UNdlela uthe abantu ayazitika ngenyama njengoba uDuntsu begcine bemhlinzile. Uthe inkonyane leli lizolahlwa ngoba nezingane ziyesaba futhi akekho ozimisele ngokudla inyama yalo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.