Umsakazi wezothando usolwa yintombi ngesibhaxu

2015-07-23 06:01
isithombe: sithunyelwe
Esinye sezithombe ezithunyelwe owesifazane osola lo msakazi ngesibhaxu.

isithombe: sithunyelwe Esinye sezithombe ezithunyelwe owesifazane osola lo msakazi ngesibhaxu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UTHI usesabela impilo yakhe owesifazane wase-France osola isoka lakhe eliphinde libe nohlelo lokululeka abantu ngezothando emsakazweni Umgungundlovu 107.6 FM ngokumphendula inkundla yamankomane.

Lo msakazi owaziwa ngoSbongiseni Zeph Mhlongo ushayela uhlelo Ikwesikabhadakazi The Midnight Express kusukela ngo 12 kuya kwelesithathu ntathakusa njalo ngoLwesibili.

Lo wesifazane elingeke lidalulwe igama lakhe utshele i-Echo ukuthi ubudlelwane babo beminyaka emithathu abukaze bube nokuthula njengoba ewukudla kwesibhaxu ngoba esolwa ngokujola. Uthi kumanje ufakele lo msakazi incwadi emgunyaza ukuthi angasondeli eduze kwakhe, kanti kulindeleke ukuthi laba bobabili bavele enkantolo ngenyanga ezayo. Uthi isigameko sakamuva lapho engene khona kubo waqoqa zonke izingubo zakhe ku-wardrobe washisa ezinye, simenze wafuna ukugonyuluka ngokuhlukunyezwa kwakhe kweminyaka ngoba ebona ukuthi alukho ushintsho.

Uqhube wathi okumphatha kabi kakhulu ukuthi ushumayela ivangeli angaliphili emsakazweni, njengoba ekhuluma ngothando nokulungisa ubudlelwano ekubeni yena engayiphili leyo mpilo.

“Kusukela siqala ubudlelwano bethu, ubengisola ngezinto eziningi, engishaya kodwa ngithule. Ngelinye ilanga wangishaya ngakhulu ngalimala, kodwa wabuya waxolisa ngemali.

“Besekuwumkhuba wakhe ukungishaya ngoba ethi ngiyajola. Ekugcineni nje ugcine esethi nengane yethu eneminyaka emithathu akuyona eyakhe. Bengibekezele yonke le minyaka ngoba imindeni yethu ibifike ihlangane kukhulunywe sibuye sixolelane. Okwenze ngikhulume manje ukuthi ngiyabona ukuthi isimo siya ngokuba sibi. Yize sengimthathele incwadi emaphoyiseni egunyaza ukuthi angasondeli eduze kwami, ngesabela impilo yami ngoba ngiye ngithole nezingcingo kubantu engingabazi besabisa ngokuthi ngizobulawa.”

Uthe ngokukhuluma kwakhe ngalokhu hlukumezeka ufuna nokuthi abanye besifazane babe nesibindi baqede ubudlelwano lapho behlukumezeka khona ngokomoya nangomzimba.

Ethintwa uMhlongo uziphikile lezi zinsolo wathi lo wesifazane uzenza ngoba efuna ukudicilela phansi isithunzi sakhe njengoba ewumuntu osembonini yezokusakaza.

“Uma ngabe bengimhlukumeza ngabe akhona amanye amacala okushaywa abevuliwe ngaphambilini. Siya enkantolo nje ngenyanga ezayo ngoba afaka incwadi egunyaza ukuthi ngingasondeli eduze kwakhe ngoba engisola ngokumshaya. Izingubo lezi engazithatha, ngazibuyisela kubo ngihambisana namaphoyisa. Into esixabanisayo ukuthi ngathola ukuthi uyajola nowokufika kulelizwe, engeyedwa kukhona nabanye,” kusho uMhlongo.

Umphathi wesiteshi uMnu Muzi Sibiya uthe ubengakazitholi izikhalazo ngalo msakazi kanti usazophenya kabanzi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Hip Cape Town bars to discover this summer
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.