Uqhutshiwe umdlalo ‘Usizi Lwezwe’

2015-05-14 06:00

NGENXA yokubona izinkinga kanye namaphutha aye enzeke mihla namalanga phakathi kobaba nezingane abazithola ngaphandle emshadweni, umbhali uMnuz Bheki Mtshare uthumele umyalezo wokuqwashisa ngokubhala umdlalo.

Lo mdlalo ungeminye yemidlalo eyenzelwe yaphinde yaqoshelwa ezindaweni zakhona lapha eMgungundlovu. Ukubhala lomdlalo kungukuzama ukuveza amaphutha futhi kuphinde kuveze ukuthi amaphutha empilweni ayenzeka kanti futhi ayalungiseka,esho uMtshare. Enaba kabanzi ngalo mdlalo wakhe athe sekuyihlandla lesibili uthe lo mdlalo uhlukile kunomdlalo wehlandla lokuqala elabe libizwa “Ngosizi Lwezwe 1”.

“Ngaphandle kokwazi nokubona ukuthi abantu bayawuthokozela umsebenzi wethu kanye nabalingisi laba abasuke bedlala emdlalweni, sibone kukuhle ukuthi umdlalo uqhutshwe ube nehlandla lesibili. Lapha sibheke amaphutha aye enzeke lapho omunye womzali okungubaba aye athole abantwana abanye okuye kugcine sekudala izinkinga ngenxa yalokho.

Emdlalweni sizama ukuveza lona leli phutha kodwa asigcini ngokuliveza kuphela siyakhombisa nokuthi kumele uma iphutha selenzekile kubhekwe macala onke futhi iphutha lizame ukulungiseka. Umdlalo ukhuluma ngaleso simo esinjalo. Umlingisi okunguyena ohamba phambili uZama okunguye osuke edala uvuthondaba emdlalweni. Le ngxenye yomdlalo idlalwa yimina uqobo lwami,” esho u Mtshare.

Ebuzwa ngenani labalingisi abayingxenye yomdlalo uthe sebebonke bayi 11. “Bonke abadlali bomdlalo abantu be wadi eyodwa . Nalapho siqophele khona umdlalo sisebenzise izindawo ezihlukene njengendawo yakaNyamazane nase France. Lokhu kungenye yezinto esiyenzayo ukuzama ukuqoqa ukuthi intsha ingabi wuvanzi emgwaqeni. Siyazi ukuthi uma beza kuzoqoshwa umdlalo asikho isikhathi sokwenza okubi abazosithola. Sithanda nokubonga abantu bedolobha lethu ngokuseseka babe nathi kule midlalo yomibili. Siyakujabulela futhi nokusemukela kwabo bangasixwayi lapho sisuke sidayisa ama DVD’s ethu omdlalo sibangqongqozela sihamba sizidayisa kubona,” eqhuba.

Uveze ukunganami kwakhe mayelana nokuqoshwa okungekho emthethweni komsebenzi wabo.

“Bayasibulala labantu abaqopha umsebenzi wethu ngoba thina sithi uma sesifika kubantu sidayisa ngenani lika R20 abantu babone sibiza. Bona badayisa ngo R10 okusibulala kakhulu thina banikazi bomsebenzi,” ebeka uMtshare. Abafuna ukwazi ngeDVD yalo mdlalo bangathintana naye uMtshare ku 071 458 1038

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.