Ushe wangqongqa umuzi eMpumuza

2015-06-18 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Ushe wangqongqa umuzi wakwaNdlela eMpumuza.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Ushe wangqongqa umuzi wakwaNdlela eMpumuza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USALE dengwane umndeni wakwaNdlela eMpumuza emva komlilo oqubuke kwelinye lamagumbi ezindlu wabe sewunabela endlini yonke enamagumbi amane.

Lo mlilo ugqamuke ngehora lesishagalombili ngoLwesihlanu olwedlule ekuseni ngesikhathi umakhi wendlu ematasatasa efaka uphahla lwendlu, kusho uMnu Zamo Ndlela ilunga lomndeni. Kumanje lo mndeni uquba komakhelwane ukuze ukwazi ukuthola indawo yokulala.

Ngokuchaza kuka Ndlela, umuntu obekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo umakhi wendlu enye ebiyakhiwa nayo enamagumbi amane abehlanganiswa nalawa amanye amane ashile. Uthe le ndlu isiphelele ibinamagumbi ayisishagalombili esewonke.

“Okwenzekile ukuthi kushe amagumbi amane kanye nayo yonke into ebiphakathi kuwo wonke amagumbi. Impahla eshile ilinganiselwa ku-R70 000. Okubuhlungu ngalokhu ukuthi akekho owaziyo ukuthi ngabe yini imbamgela yomlilo ngaphandle kokuthi kuvele kwaqubuka umlilo kwelinye lamagumbi obe usekubhebhethekela kulawa amanye amathathu nawo ashe angqongqa.

Ekhishini kushe yonke into, okubalwa isitofu sokupheka, ifiliji, amabhodwe izitsha kanye nayo yonke into ebiphakathi ekhishini. Ngokunjalo nakwamanye amagumbi akuzange kuphume lutho, kushe yonke into nezingubo zokugqoka. Lokho kudale ukuthi sigcine sisele nezinto esizigqokile kuphela emzimbeni.

“Singamalunga omndeni ayisihlanu kanti kukhona nabantwana besikole abakhona phakathi kwethu nabo kumamanje abanenkinga futhi abashelwe yiyo yonke into yokugqoka. Kwasha kwaze kwasha nezingubo zokulala, ayikho into eyakwazi ukuthi iphume ngoba umlilo wawusha ubulangulangu. Abantu abacisha umlilo bacisha baze baphelelwa amanzi ngendlela ilangabi elalidla ngayo amagalani,” kuchaza uNdlela.

Uthe ekuqaleni bebekholelwa ukuthi imbangela yalo mlilo kwaba ugesi kodwa uthi lokhu kubonakala kungesikhona lngoba isigubhu sikagesi asikhombisi ukuba wumsuka wakho ukusha.

“Isugubhu sikagesi akukho esikukhombisa njengomsuka wokusha. Kwasona isigubhu sikagesi asishile. Kwaba yinhlanhla kakhulu ukuthi akekho umuntu owasha noma owalimala ngenkathi kwenzeke lokhu.

“Esikucelayo usizo olungavela noma kumuphi umuntu. Sifisa ukuthi indlu yethu eshile ivuswe futhi sicele noma ubani ongalula isandla noma ngabe ngaluphi usizo ukuthi asisize ngoba asinalutho ngisho izimpahla zokugqoka. Okubuhlungu nami sengiphelelwe itoho,” ezikhalela uNdlela.

Ongafisa ukusiza lo mndeni angashayela ucingo uNdlela kwinombolo: 073 301 2227

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.