Usinde ngokulambisa ecindezelwa iloli okhulelwe

2015-08-06 06:00
ISITHOMBE:sithunyelwe

Abezimo eziphuthumayo basebenze isikhathi esingaphezu kwehora, bezama ukutakula owesifazane okhulelwe waseNhlazatshe obecindezelwe iloli.

ISITHOMBE:sithunyelwe Abezimo eziphuthumayo basebenze isikhathi esingaphezu kwehora, bezama ukutakula owesifazane okhulelwe waseNhlazatshe obecindezelwe iloli.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USINDE ngokulambisa owesifazane okhulelwe wasendaweni yase Nhlazatshe, emva kokuba iloli ebelithwele isihlabathi ligibele phezu kwakhe , emva kokuba umshayeli walo ehluleke ukulilawula ngoLwesibili ekuseni.

UNksz Lwazi Shezi (23) onezinyanga ezinhlanu ekhulelwe kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela emva kokuba elimale imilenze. Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithe lo wesifazane ubethunywe ukuyothenga isihlabathi ngase BP garage, ngenkathi umshayeli weloli osolwa ngokuthi ubedle amanzi amponjwana ezame ukweqa ulayini wesitimela.

“UShezi ubephakathi kule loli njengoba ebesebuyela ekhaya nesihlabathi. Ithe uma iqeda ukweqa ulayini wesitimela, yacima iloli. Umsizi womshayeli ube esezama ukufaka itshe ngemuva ukuze ingahlehleli emuva. Utshele umshayeli ukuthi angabe esazama ukuyidumisa. Asazi kwenzekeni kumshayeli noma ubelawulwa utshwala, kodwa uzame ukuyidumisa ngenkani iloli yagxuma.

Ngenkathi lo owesifazane ebona lokho uvule isicabha wagxumela ngaphandle kanti vele iloli isiphelelwe amabhuleki yagibela phezu kwakhe. Ilungu lo mndeni elikhulume ne-Echo lithe lo wesifazane uyalulama yize bengathembi ukuthi omunye wemilenze yakhe uyophinde ukwazi ukulunga indlela odlavazeke ngayo.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo uMnu Robert Mckenzie ukuqinisekile ukuthi owesifazane okhulelwe utholwe ecindezelwe iloli, wabe esephuthunyiswa esibhedlela. Uthe

Okhulumela amaphoyisa kwiPlessislaer Cluster uKapteni Musa Ntombela uthe: “ Kuvulwe icala lokushayela ngobudedengu. Umsolwa uyaphenywa kabanzi”

NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.