Zimkhalele oshise owesifazane nge-acid eWillow

2015-09-03 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

Uboshiwe osolwa ngokubulala uNksz Thulile Phungula(osesithombeni). UMnuz Sphiwe Mbanjwa uzophinde avele zingu 8 kuMandulo enkantolo kamantshi.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Uboshiwe osolwa ngokubulala uNksz Thulile Phungula(osesithombeni). UMnuz Sphiwe Mbanjwa uzophinde avele zingu 8 kuMandulo enkantolo kamantshi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UVELE enkantolo kamanstshi owesilisa osolwa ngokuklinya, athele aphinde aphuzise i-acid uThulile Phungula waseWillowfontain ongcwatshwe ngesonto eledlule.

UMnu Sphiwe Mbanjwa (33) ongubaba womntwana kaPhungula uzobuyela enkantolo ngoLwesibili lapho azobe esefaka khona isicelo sebheyili. UMbanjwa kumanje ubhadle ngaphakathi ejele lapho ebhekene necala lokubulala.

UPhungula ubulawa nje ngabe uqale emsebenzini omusha ngoLwesibili kanti futhi lokhu kubulawa kwakhe kwenzeke ngesikhathi lapho ebehlele indumezulu yomcimbi womntwana wakhe obezobe egubha unyaka wesithathu.

Isehlakalo sashaqisa umphakathi waseWillowfontain ngenxa yesihluku esenzeka ngaso ngesikhathi ebulawa uPhungula.

Abomndeni wakhe nabo babeshaqekile ngalesi senzo bebabaza indlela yesihluku uPhungula abulawa ngaso.

Umamcane kaPhungula, uNonsikelelo Phungula, wakubeka kwacaca ukuthi uThulile ubengasenabudlelwano noMbanjwa.

Echaza umamncane wathi bese kunesikhathi eside impela bahlukana.

“Wahlukana naye ingane yabo inezinyanga eziyisikhombisa izelwe. Ngeke size sazi ukuthi ngabe yini ngempela eholele ukuthi aze ambulale ngesihluku esinjena.

“Sonke siyazi ukuthi uThulile ubengenabudlelwano namuntu, abekwenza nje ukuthanda umntwana wakhe nomndeni wakhe,” kusho umamncane wakhe.

UPhungula kusolakala ukuthi waklinywa uMbanjwa owabe esemthela waphinda wamphuzisa i-acid. Lokhu kwenzeke kude buduze nekhaya lakhe uPhungula.

Wakwazi ukugaqa ngamadolo aze afike ekhaya lakhe lapho okuthiwa wafike washo ukuthi uMbanjwa nguye omshise nge-acid wamphuzisa wabe esemthela ngayo.

Okhulumela amaphoyisa ase Plessieslaer uKapteni Musa Ntombela uthe akucaci ukuthi ngabe yini eyabe ibangwe ilaba bobabili.

Uthe uMbanjwa zimkhalele ngezikhathi zasekuseni ngoLwesihlanu olwedlule eMbali Unit 18.

“Sasithembisile ukuthi yena uzoboshwa kanti lokho kwenzeke amaphoyisa eseqoqe zonke izitatimende. Uzovela enkantolo ngeLwesibili zingu 8 lapho ezobe esefake isicelo sebheyili.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.