Zisola dengwane izintandane ziphucwa indlu

2015-10-22 06:00
PHOTO:NOMPENDULO NGUBANE
Indlu yaseFrance, eMpumelelo esisuse umbango lapho umnikazi wayo ekhipha kuyo izintandane ezihlala kuyona ngoba eseyidinga. Esithombeni uKhotso Ndlovu omi nabashana bakhe nabo abahlala kulendlu, uBonhle noDinhle Ndlovu.

PHOTO:NOMPENDULO NGUBANE Indlu yaseFrance, eMpumelelo esisuse umbango lapho umnikazi wayo ekhipha kuyo izintandane ezihlala kuyona ngoba eseyidinga. Esithombeni uKhotso Ndlovu omi nabashana bakhe nabo abahlala kulendlu, uBonhle noDinhle Ndlovu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUDAYISWA kwezindlu zomxhaso eminyakeni eyevile eshumini edlule sekuholele ukuthi izintandane ezine zase zaseMpumelelo eFrance zisale zingenakhaya.

Ukusala dengwane kwalezi zintandane kulandela emva kokuba owesifazane okunguyena ongumnikazi wendlu esetshele lezi zintandane ukuthi ziphume ziphele kule ndlu ngoba useyayidinga. Ngokuchaza kuka Khotsho Ndlovu (25) okunguyena omdala kulezi zintandane uthe baqale ukuhlala kulo muzi ngonyaka ka-2004 futhi betshelwe umama wabo uNksz Elizabeth Mafisa ukuthi umuzi wawuthenga ekomitini elidala okwabe kuyilona elabe likhona ngaleso sikhathi.

Uthe kuyena kufike kuyinto entsha ukuthi umuzi ungoka Nksz Phindile Ndabezitha nokunguye osefuna umuzi wakhe ukuthi ubuyele kuyena ngoba ekhala ngesimo sendawo ahlala kuyo eMbali Unit 2 lapho athi uqashe khona egalaji. UNdlovu uthe kumanje bazoba ngondingasithebeni ngoba uNdabezitha ethe ubanikeza izinyanga ezintathu kuphela ukuthi baphume endlini yakhe. UNdabezitha unawo amaphepha awathola kuMnyango weZindlu ashoyo ukuthi umuzi ungowakhe. UNdlovu yena ebuzwa ngamaphepha uthe umama wabo akazange abashiyele amaphepha ngaphambi kokuba ashone ngo-2009. Umama kaNdlovu ushone emva kokugula kanti ushiye yena uNdlovu nodadewabo abathathu nabashana ababili.

Abahlala kule ndlu uPalesa (21), Ntswaki (18), Makatso (15), Bonhle noDinhle.

Ikhansela lika wadi 18 uNksz Philisiwe Gwala echaza ngalesi simo uthe kunezigameko eziningi asehlangane nazo ewadini yakhe lapho abantu basuke bedayiselene izindlu kodwa bese kuba nezinkinga ekugcineni. Uthe yena nekomiti baye bangangeni lapho kusuke kudayiselwene khona kodwa baye baluleke labo ababili abasuke bedayiselene ukuthi bayixazulule bona inkinga kodwa bafake nommeli phakathi.

“Kuba nzima ukungenelela udaba lapho abantu besuke bedayiselene indlu. Ukudayisa indlu yomxhaso akuvumelekile futhi akukho emthethweni. Okunye bekungaba kuhle ukube abantwana bezile bazobika inkinga ekomitini ukuze kubonakale ukuthi bangasizakala kanjani. Ngeke ngize ngaqinisekisa ukuthi bazosizakala ngoba kumanje ayikho indawo ekhona lapho singabathatha sibahlalise khona,” kusho uGwala.

UNdabezitha yena uthe uMafisa wayazi ukuthi indlu ngeyakhe ngoba bake bahlangana bakhuluma ngaphambi kokuthi ashone.

“Ngamazisa ukuthi yimina umnikazi wendlu kodwa ngase ngibanika isikhathi sokuthi indlu bangayisebenzisa. Emva kokushona kwakhe ngabacabangela abantwana ngathi: abahlale kodwa nami manje indlu yami ngiyayidinga ibuyele kumina.

“Lapho engihlala khona ngiqashile kanti futhi ngihlala egalaji elingekho esimeni esihle,” kusho uNdabezitha.

UNdlovu uthe kuyacaca ukuthi bazosala bengenayo indlu kodwa wabe esecela usizo kunoma ubani ongabasiza ngendawo yokuhlala. “Emva kokuphelelwa umsebenzi yonke into ibheke mina ukuthi ngiyilungise. Izingane zasekhaya zibheke mina njengomuntu omdala. Sicela usizo noma ubani ongasisiza ukuthi asilekelele sithole indawo yokufihla ikhanda,” kuzikhalela yena.

Abangafisa ukusiza bangashayela uNdlovu ku-078 524 8120

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.