Bakhalangesikole esingabhalisiwe e-Lay Centre Kubethusile ukuthi iPhambili ayibhalisile ngesikole esingabhalisiwe e-Lay Centre

2015-11-11 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese Isikole iPhambili Private School esise-Edendale Lay Ecunemical Centre okuthiwa asibhalisiwe ngokusemthethweni.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese Isikole iPhambili Private School esise-Edendale Lay Ecunemical Centre okuthiwa asibhalisiwe ngokusemthethweni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAWOTHA ubomvu abazali babantwana abafunda esikoleni esizimele iPhambili Private School esise-Edendale Lay Ecunemical Centre emva kokuthola ukuthi asibhalisiwe ngokusemthethweni.

Lesi sikole esiqala ku-Grade R kuya ku-Grade 3 sineminyaka engaphezu kweshumi sasungulwa emva kokuba abelungu ababesisungulile bahamba kule ndawo. Kuthiwa kumanje ngisho nesibalo sabafundi sehlile, emva kokuba abazali bethole lezi zindaba.

Omunye wabazali abakhathazekile ongathandanga ukudalulwa uthe izinga lokufunda liphezulu kulesi sikole, okubakhathazayo nje ukuthi asibhalisiwe ngokusemthethweni noMnyango wezeMfundo. Uthe yena uze wathola kulo nyaka ngoba esefunela umzukulu wakhe isikhala kwezinye zezikole zasedolobheni, lapho etshelwe khona ukuthi isikole asibhalisiwe ngokusemthethweni.

“Ngishaqekile uma ngizwa ngalokhu njengoba lesi kungesinye sezikole ebesisithatha ngokuthi sihamba phambili ezindaweni zabantu abamnyama. Phezu kwalokho ngenkathi ngifuna isikhala kwesinye sezikole, ngitshelwe ukuthi uma bemthatha uzoqala phansi kwa Grade R.”

Uqhube wathi ngoNdasa walo nyaka emhlanganweni wabazali obusesikoleni omunye wabazali ubhoboze ithumba ngalokhu, okuthe uma abazali becela incazelo kwangaphetha kahle. Uthe kumanje abazali bayazikhipha izingane zabo ngamacozucozi njengoba nemali ekhokhwayo kulesi sikole ingu-R700 ngenyanga.

Omunye umzali naye ongathandanga ukudalulwa uthe bafuna kuphenywe kabanzi ukuthi kwenzeka kanjani isikole esineminyaka sihlale singabhalisiwe ngokusemthethweni.

Umnikazi wesikole futhi onguthishanhloko uMnu Sipho Ngcobo uvumile ukuthi lesikole asibhalisiwe ngokusemthethweni, wathi uMnyango wezeMfundo usezinhlelweni zokuthi sibhaliswe ngokusemthethweni.

Ubuye wathi abazali bayazi ngalokhu , wathi kumanje lolu daba luphethwe ehhovisi elikhulu likaMqondisi-Jikelele woMnyango wezeMfundo UDkt Nkosinathi Sishi.

Uthe kuthathe isikhathi eside ngenxa yemigomo nemibandela ebekufunakala siyilandele.

Okhulumela umnyango uMnu Sihle Mlotshwa uthe basalindele umbiko ovela ehhovisi likaMqondisi- Jikelele ukuze baphenye.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.