Basola eyokucwaswa ngokobuzwe abaxoshwa e-France

2015-11-12 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese Omunye wabahlali base-France ephethe enye yezincwadi abanikwe zona ngenyanga edlule egunyaza ukuthi baphume ekupheleni kwale nyanga.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese Omunye wabahlali base-France ephethe enye yezincwadi abanikwe zona ngenyanga edlule egunyaza ukuthi baphume ekupheleni kwale nyanga.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAKHALA ngokucwaswa ngokobuzwe abahlali basendaweni eyaziwa ngokuthi ise-VMC eFrance emva kokuthola izincwadi ezivela ekhanseleni zibatshela ukuthi abaphume ekupheleni kwale nyanga.

Kuthiwa kuphendlelwa indawo abantu abawumsinsi wokuzimilela kuleli lokishi. Laba hlali iningi labo elingelokudabuka endaweni yase Mzimkulu batshele iphephandaba i-Echo ukuthi bafika kule ndawo ngo-2006, okubamangazayo uma sebekhishwa manje ngoba kuthiwa kufunelwa abantu bendawo indawo abazohlala kuyona.

Bathi bafike kule ndawo okwakungamahhovisi ayakhiwe inkontilaki yakwa VMC eyayithole ithenda lokwakha izindlu zomxhaso kule ndawo ngoba bezofuna umsebenzi, bagcina sebehlala khona ngenkathi inkontilaki isihambile.

Omunye wabahlali okhulume naleli phephandaba kepha ongathandanga ukudalulwa uthe: “Abaningi bethu bafike eMgungundlovu ngoba bezofuna umsebenzi. Siyalelwe ngale ndawo okuyilapho sifakwe khona omunye owayesekomitini ye-ward ngo-2006.

“Lama hhovisi anamagumbi ahlukene njengoba kukhona anayisikhombisa amanye ayisishiyagalombili. Abanikazi benkontilaki bathe uma sebehamba bashiya ukhiye kwelinye ilunga le komiti yeward.

“Sithe uma sesifuna indawo, lasifaka khona. Siqale ngokukhokha sagcina sesizihlalela mahhala.”

Bathe kuthe ngoMandulo walo nyaka kwafika ikhansela uNksz Sindi Gwala ehambisana nekomiti le ward, babatshela ukuthi kumele baphume kule ndawo ngoba badinga ukuyisebenzisa.

Uqhube wathi: “Sitshelwe ukuthi singaMaMpondo ngakho kufanele siphume ukuze kuvulelwe isikhala abantu bendawo abahluphekile. Sithenjiswe ukuthi kodwa ngeke sikhishwe singakazanyelwa enye indawo.

“Kusimangazile uma sebephinda bebuya ngenyanga edlule, sinikwa izincwadi zokuthi kufanele le nyanga ithi iphela sibe sesingasekho.”

Laba hlali bathi okubakhathaza kakhulu ukuthi iningi labo alisebenzi futhi abazi bazophuma babhekephi njengoba nezingane zabo sezifunda ezikoleni ezikule ndawo.

“ Ngenkathi sifika la, sasazi ukuthi amahhovisi enkontilaki eyayakha izindlu. Phezu kwalokho sikhishwa ngoba kuthiwa asivoti, kuzofakwa abantu abavotayo bakule ndawo,”kusho ilungu lo mphakathi . Ikhansela lakwa ward 18 uNksz Gwala ukuqinisekile ukuthi abahlali banikwe izincwadi zokuthi baphume ekupheleni kwale nyanga, wagcizelela ukuthi emva kwezinto eziningi ezingezinhle ebezenzeka kule ndawo, kuvunyelwane ngokuthi ivalwe.

“Le ndawo akusiyona eyami njenge khansela kodwa indawo eyashiywa abantu ababezokwakha izindlu zomxhaso kule ndawo. Abantu abaningi abahlala khona abantu abaqhamuka ezindaweni zangaphandle. Ngenxa yezigameko ezimbi ebezenzeka khona, okubalwa kuzona ukudayiswa kotshwala, ukudayiswa ko mzimba nobugebengu obukhona, sibonisane ukuthi ivalwe.

Sivumelane ukuthi kube indawo ezosetshenziswa izinhlangano zomphakathi ezingabheke nzuzo ukuze kuthuthukiswe amakhono, kusizwe no mphakathi.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.