Idayiswa sidlangalaleni insangu erenki entsha

2015-11-11 06:00
Ukudayiswa kwensangu erenki       entsha      sekudale okukhulu ukukhathazeka kubazali nomphakathi osebenzisa le renki.ISITHOMBE:INQOLOBANE YE fEVER

Ukudayiswa kwensangu erenki entsha sekudale okukhulu ukukhathazeka kubazali nomphakathi osebenzisa le renki.ISITHOMBE:INQOLOBANE YE fEVER

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUDAYISWA kubuka noma ubani kwesidakamizwa insangu, esidayiselwa ngisho abafundi emarenki, sekushiye abazali nabanye babagibeli nokukhulu ukukhathazeka.

Amarenki abalwa kulokhu irenki entsha lapho kugitshelwa khona amatekisi alibhekise eThekwini nerenki Emgodini lapho kunamatekisi aya eGoli nezinye izindawo ezikude. Lokhu kuvela nje lapho omunye wabazali uMnu Vusi Gcabashe ebambe umntwana wakhe ukuthi usebenzise isidakamizwa insangu. Indodana kaGcabashe eneminyaka engu-16 ibe seyiveza ukuthi isidakamizwa lesi isithenge kuphi. Nokuvelile ukuthi isidayiselwe omunye wabantu erenki entsha.

I-Echo iye erenki ntsha, kwabakhona abavumayo kuyo ukuthi ukuthi isidakamizwa insangu ixhaphakile kule renki. Omunye okhulume nentatheli ye-Echo ongathandanga ukudalulwa, uthe abadayisi abakhethi ukuthi ngabe isidakamizwa lesi sithengwa umfundi noma umuntu omdala.

“Okubalulekile imali okuthengwa ngayo, hhayi umuntu othengayo,” kusho umthombo. Kuyinto ejwayelekile ukubhenywa nokudayiswa kwensangu lapha erenki. Abasizi babashayeli nabanye babashayeli bayithenga baphinde bayibhemele khona lapha ngaphakathi ngaphandle kwezihibe ezithile. Kujwayelekile futhi kuyaziwa ukuthi kuyenzeka akulona ihlazo noma imfihlo,” kusho umthombo.

Ebuzwa ukuthi ngabe amaphoyisa aye afike yini ukuzobheka isimo noma abophe abadayisi bensangu uthe: “ Engiye ngikuzwe ukuthi baye baboshwe kodwa babuye baphume. Lokho kwenza ukuthi uma bebuya baphinde baqale phansi badayise zona izidakamizwa,” kuqhuba umthombo.

UGcabashe uthe naye ungomunye wabantu aseke balubika udaba lokudayiswa kwezidakamizwa kule renki emaphoyiseni.

“Emva kokuba indodana yami yasho ukuthi izidakamizwa yazithenga erenki entsha, ngaya khona. Ngafike ngazibonela abantu abathathu abayidayisa lesi sidakamizwa lapha erenki entsha. Emva kwalokho ngaya emaphoyiseni ngabuza ukuthi ngabe azokwenzenjani ngaso lesi simo.

“Engakhuluma naye wathi bayababopha abadayisi kodwa badedelwe ngakusasa. Njengabazali nomphakathi kumele silwisane nalolu daba. Uma kungukuthi kumele sihlangane singumphakathi nabazali simashele ephalamende nalokho kumele sikwenze. Lesi isimo esibi kakhulu esibulala izingane zethu nezwe nje lilonke.

“Kudinga sisukume silwe nalesi sihlava ngoba kuzogcina kungasekho nokuphepha edolobheni uma simela le kude, sibukela izingane zimoshwa izidakamizwa sibhekile” kusho uGcabashe.

Okhulumela uConstable Mthokozisi Ngobese uthe njengamaphoyisa bebengazi mayelana nesimo sokudayiswa kwensangu erenki entsha, wathi kodwa njengoba sekufikile ezindlebeni zabo bazolulandelela lolu daba

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.