Impilo inzima kongenelwa amanzi endlini

2015-12-03 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese UNksz Lindiwe Molefe ekhomba umsele oze wambiwa ngaphandle kwakhe ngenxa yamanzi agelezayo uma linethile.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese UNksz Lindiwe Molefe ekhomba umsele oze wambiwa ngaphandle kwakhe ngenxa yamanzi agelezayo uma linethile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USEPHILA impilo yokuhlale ekhipha amanzi endlini owesifazane wakwa Dambuza, onenkinga yokugelezelwa amanzi endlini njalo uma linethile, kulandela iprojekthi yokwakhiwa komgwaqo engaphelanga. UNksz Lindiwe Molefe ohlala kwa Dambuza eNtabeni utshele iphephandaba i-Echo ukuthi usehlale elele engalele ikakhulukazi uma linethile, njengoba kuye kwenzeke avuke endlini egcwele amanzi. UMolefe ohlala endlini yomxhaso nendodana yakhe nomzukulu uthi kumanje ingaphakathi le ndlu lonakele liphelile futhi sekuze kwafa nefriji ngenxa yala manzi. Uthi wangena kulomuzi ngo 2011 emva kokuba enze isivumelwano nomunye umakhelwane ukuba bashintshane. Uthe yize le nkinga efike ivele ikhona, iqale ukuba mandla ngonyaka odlule kulandela izimvula ezinkulu ezike zaba khona. Uthe: “Ngenkathi ngifika kule ndawo umgwaqo wawuvele usuwakhiwe kodwa kungaqediwe njengoba ukwakhiwa kwawo kugcina ngaphambi kwesango lami, kungabange kusaqhubeka. Ngenkathi sifika kwathiwa inkontileka eyayiwakha yayisiphelelwe inkontilaki, kodwa kuzofika enye izoqhubeka nomsebenzi okugcine kungasabanga njalo. Manje uma linethe kakhulu , esikhundleni sokuthi amanzi ahambe ngomgwaqo, afike ame ngaphandle kwami enze amaxhaphozi amakhulu, okugcina ngamanzi esegeleza endlini. Ngisho ngaphakathi sekunuka umswakamo njengoba kuyindawo ehlale imanzi. Sesiphila impilo yokuhlale sikhipha amanzi, kungewona wodwa ngoba ngisho abachitha izitamkoko zichithekela la.” UMolefe uthe uzamile ukubika ekhanseleni le ndawo uMnu Sipho Madonda kepha wagcina engasizakalanga. “Angisazi ukuthi kumele ngenzenjani , ngoba isigcino le ndlu izogcine iwele kuthina njengoba sekunemifantu ngaphakathi ngenxa yala manzi. Ziningi nezifo esingazithola sezisingenile ngenxa yala manzi njengoba kukhona nangcolile aqhamuka emizini yabantu. Sesimbe nomgodi ngaphandle egcekeni ukuze angene khona, kodwa kubukeka kunhlanga zimuka nomoya. Engikufisayo ukuthi noma bangaphesha ngendlela abangaphesha ngayo ukuqedela umgwaqo ngoba incane indawo esele,” kuqhuba uMolefe. Uthe ezinye izinto ezibalulekile azisahlali kule ndlu ngenxa yalesimo. “Umuntu uhlale ecuphe ngamabhakede amancane, okuyiwona esibutha ngawo lamanzi. Kwesinye isikhathi uye uphaphame esho ukuyofika embhedeni njengoba nemibhede sesiyisekele ngezitini eziningi ukuze iphakame,” kuphetha uMolefe. Lithintwa ngalolu daba ikhansela lakwa ward 11 u Madonda uthe ubengakaze awuthole umbiko ngalo muzi, umuzi owodwa awaziyo onenkinga yokungenelwa amanzi sekungenelele umasipala. “Ngokwazi kwami awukho umgwaqo ongaphelile kule ndawo, kodwa sizophenya kabanzi,” kuphetha uMadonda.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.