‘Ubefuna ukuvala isikweletu odayise ingane’

2015-12-03 06:00

OWESIFAZANE wase- Azalea osolwa ngokudayisa indodana yakhe enezinyanga ezingu 19 ngo R5 000, ubale inkinga yemali njengembangela yokudayisa indodana yakhe kwi –website yezikhangiso iGumtree. UNksz Zama Madlala (19) ulahlwe ngamacala amathathu ahambisana nokudayisa umuntu (human trafficking) enkantolo ka mantshi ngoMsombuluko. Kumanje ungaphandle ngebheyili ka R2 500 azogcina imibandela yayo eboshelwe ngaphakathi endlini kuze kube icala liyaqulwa ngo Nhlolanja ngonyaka ozayo. Lo wesifazane kuke kwabikwa ngaye kuleliphephandaba ngo Mfumfu walo nyaka , emva kokuba efake isikhangiso sokudayisa ingane kule – website, kanti amaphoyisa ehlangene nosonhlalakahle azomdobela kwa KFC ku Chief Albert Luthuli lapho ayezodayisa khona ingane , wagcina ngokuboshwa. UMadlala uthe ubethandana namasoka amabili ngenkathi ekhulelwa le ngane eneminyaka engu 17. Uqhube ngokuthi kuthe emva kokukhulelwa kwakhe akazanga ukuthi ubani owuyise wangempela njengoba ewatshele womabili amasoka akhe, elinye lagcina ngokuyiphika ingane. Uthe uze afake lesi sikhangiso nje ingoba isoka lakhe ebekuyilona ebelondla ingane bese lifuna alibuyisele imali elinganiselwa ku R24 000 ebelondla ngalo ingane njengoba belikhokha u R1 300 ngenyanga kulandela imiphumela yolibofuzo (DNA) ebisho ukuthi akayena uyise wayo wangempela. Uthe emva kwesikhathi lilokhu liqhubeka likhokha isondlo leli soka libe selicela ukuba kwenziwe ulibofuzo ngoba belingaboni kahle, okuyilapho eqale ukufaka lesisikhangiso ngoMandulo walo nyaka. Ngenkathi leliphephandaba lixoxa nonina womsolwa ongathandanga okudalulwa ezinyangeni ezimbili ezedlule uthi washaqeka kabi ngalesisenzo njengoba indodakazi yakhe ibiyithanda indodana yayo ngale ndlela. Umeluleki wezengqondo uDkt Bev Killian uthe ukukhulelwa kwentsha kungakafiki isikhathi kuyayifaka ingcindezi yokuthola isiyenza noma yini ukuze bakwazi ukondla izingane zabo. “ Iningi intsha ezithola isisemgibeni wokuthi igcina ishiya izingane zayo ezihlotsheni, ko gogo noma izinike abanye abantu ngoba ingenawo amandla okuzikhulisa. Noma ngingasigqugquzeli le senzo sakhe, kuyacaca usenziswe ububha futhi baningi nontanga yakhe abazithola besenkingeni efana neyakhe,” kuphetha uKillian.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.