Ufuna izimpendulo ngokushawa kwendodana yakhe

2015-11-19 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE USandile Mkhize usehlala engumuntu ogqigqa izibhedlela. Kumanje usehlinzwe izihlandla       ezintathu kanti umama wakhe uNksz Nonhlanhla Nzama ukhathazekile ngempilo yakhe.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE USandile Mkhize usehlala engumuntu ogqigqa izibhedlela. Kumanje usehlinzwe izihlandla ezintathu kanti umama wakhe uNksz Nonhlanhla Nzama ukhathazekile ngempilo yakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UTHI ufuna izimpendulo umama womfundi owashaywa ngesihluku waphinde washiswa ngezinsimbi ngoba esolwa ukuthi weba izimpahla zikasonhlalakahle wasendaweni yase-Elandskop ngoNhlolanja ngonyaka odlule.

UNksz Nonhlanhla Nzama ongumama kaSandile Mkhize (23) uthi kuze kube imanje akazitholi izimpendulo kubantu abasolwa ngokushaya indodana yakhe. Indodana yakhe kumanje iphila ngokuhlinzwa ngoba odokotela bethi umzimba wayo wonakala ngaphakathi ngenkathi eshaywa.

UMkhize ubefunda esikoleni samabanga aphezulu kwaMncane uphoqeleke ukuthi ayeke isikole ngawo unyaka odlule ngoba umzimba wakhe usubuthaka nangenxa yokuhlala ngokugula.

Ngokuchaza kukaNzama uthi indodana yakhe kumanje igqigqa izibhedlela ezahlukene ngoba kuningi okonakala emzimbeni wayo kubalwa nezinso odokotela asebeveze ukuthi ziyahluleka ukusebenza kahle emva kokushaywa kwakhe.

Elanda umama kaMkhize uthe isigameko lesi senzeka ngonyaka odlule lapho ongusonhlalakahle esola indodana yakhe ukuthi yebe izikhiye zemoto, ikhompuyutha notshwala obabubiza u-R10 000. Uthe lokhu kwenzeke emva kokuba indodana yakhe kanye nomunye umfundi becelwe usonhlalakahle ukuthi bayobeka ukudla endlini yakhe ngoba ukudla kwakungeke kusabekwa esikoleni ngoba kwase kudlule isikhathi okwabe kulethwe ngaso esikoleni. Usonhlakahle lona kuthiwa nguye onenkontileka wokuphakela abafundi esikoleni kwaMncane.

“Ngokuchaza kwendodana yami bathunywa ukuthi bathathe ukudla bakuyise endlini yakhe ngoba kwakungeke kukwazi ukubekwa esikoleni. Ngempela bakuthatha bakuyisa lapho nokuthe ngakusasa usonhlalakahle wabika ukuthi kungene abantu abangakaze bangene emzini wakhe qede kwalahleka izimpahla. Wasola indodana yami kanye nalo mfundi ababethunywe naye ukuhambisa ukudla ukuthi bayokubeka emzini wakhe.

“Bamzingela bamthola ezihambela bamfaka ebhuthini yemoto, bayomvalela izinsuku bemshaya bemshisa nangezinsimbi nopulastiki. Umfundi lona abe ehamba naye bamthola naye washawa kodwa wabuye wadedelwa.

“Indodana yami iyona eyashaywa kakhulu ngoba yaze yaphindwa ihlandla lesibili bayibamba beyivalele beyishaya,” kusho uNzama.

Lo mama obekhala izinyembezi ngesikhathi exoxa lolu daba uthe okubuhlungu, kulaba bantu ababeshaya indodana yakhe kukhona nonguthisha ofundisa kuso isikole kwaMncane nomunye athe uyiphoyisa. Uthe baze bayithola indodana yakhe kwelinye lamahlathi e-Elandskop emva kobika udaba emphoyiseni.

“Okubuhlungu lavulwa icala, saya enkantolo nokuthe ngokuhamba kwesikhathi ngatshelwa ukuthi selivaliwe ngaphandle kwami. Ngashayelwa ucingo umseshi engitshela ukuthi icala selisuliwe ngaphandle kokuthi mina njengomzali wengane ngaziswe. Okunye engakuzwa ukuthi izimpahla zatholakala. Ngifuna ukuwazi ukuthi izimpahla lezi zatholakala kuphi njengoba mina ngashayelwa ingane yacishe yafa. Kubuhlungu kumina njengomzali ukubona ingane yami imabhadubhadu kanje umzimba. Isifana nomuntu okhubazekile yize yayiziphilela. Ngidinga izimpendulo kubenzi balokhu ukuthi bangitshele ukuthi kumele ngenzenjani uma isimo somntwana wami sinjena,” kusho uNzama.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) uMnu Robbie Raburabu uthe uMkhize kumele ilivule kabusha , wathi uma enokwesaba angaxhumana nehhovisi le Ipid ukuze asizakale.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.