Usinde ngokulambisa owesifazane eFrance

2015-11-12 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE Umuzi waseFrance okuphaphalazele kuwo imoto       okuthiwa ibishayelwa umfanyana ngoMsombuluko.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Umuzi waseFrance okuphaphalazele kuwo imoto okuthiwa ibishayelwa umfanyana ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UPHUNYUKE ngembobo yenaliti owesifazane (33) waseFrance ePhase 3 ngesikhathi kuphaphalaza imoto iyongena emzini wakhe ngoMsombuluko ekuseni.

Leli veni beyishayelwa umfana omncane okusolakala ukuthi beyihamba ngesivinini esikhulu wagcina ehlulekile umfanyana ukuyilawula labe seliyongena emzini kaNksz Phumla Sithole.

Ngenxa yokuthi le moto ibihamba ngesivivini esiphezulu ingene endlini yalimaza impahla kanti uSithole yena uthi usinde ngoba uphumile endlini eyovala umpompi ngaphandle.

Uthe thi ukuphuma kwakhe yikho okumusindisile kulesi sehlakalo esenzeke ngesikhathi engaphandle komuzi.

“Konke kwenzeka bengikubona kusukela imoto ngiyibona ukuthi inenkinga yokuthi isiyamhlula umshayeli. Le ndawo yethu inekhona nengicabanga ukuthi yilo kanye eligcine lihlule umshayeli ngesikhathi ejika.

“Bengime ngaphandle ngaleso sikhathi konke kwenzeke njengomdlalo wakumabonakude. Bengiqeda kuphuma nje endlini ngiyovala umpompi ngaphandle. Kuqhamuke imoto ngesikhulu isivinini yadlula imizi emihlanu yonke.

“Kuthe isaphaphalaza kanjalo yathi ukubambeka kweminye yemizi ngoba inamatshe. Kulapho ke umshayeli abeyinyathela ngenkani ngoba umsindo wayo ubuzwakala uphezulu.

“Ize ngobuso bayo yazoshaya indlu yami yangena ngaphakathi, yagamanxa endlini. Ngithuke kwaphela nasozwanini ngoba ngicabange ukuthi ukube angizange ngiphume endlini nami bengizolimala,” kusho uSithole othe indlu yakhe enamagumbi amabili iye yalimala nezinye izimpahla endlini.

“Kulimale usofa ovele wavithika kwaphela ngawo. Kuphinde kwabhodloka isicabha kanti nekhabethe lokufaka izingubo nalo liphele nya. Okungiphathe kabi kakhulu ukungafiki kwamaphoyisa ngesikhathi eshayelwa ucingo ukuba afike.

“Kushawe izingcingo izikhathi eziningi kodwa amaphoyisa awazange afike ukuzobheka umonakalo. Kuze kube inamahlanje awazange afike amaphoyisa kodwa ebe eshayelwe ucingo,” kuqhuba yena.

I-Echo lithole ukuthi umfanyana obeshayela imoto ubeyalelwe ukuthi ayigeze. Kuthiwa umnikazi wemoto uthe emva kokuyigeza akomvusa ngoba ubesathathe isihlwathi. Umfanyana akazange enzenjalo kodwa uyibhekise emgwaqeni imoto nokulapho ifike yadala umonakalo. USithole uthe umnikazi wemoto kanye nabazali bomshayeli bahlanganile bakhulumisana.

“Kumanje baphezu kwamalungiselelo okulungisa umonakalo owenzekile endlini.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.