Ingqungquthele yamadoda omkhuleko esekethe lase Mvoti ka-2015

2015-08-26 06:00

Isifunda saseGreytown (eNhlalakahle Township) seBandla lamaLuthela, namaphethelo, besibusisekile ngokubamba ingqungquthela yamadoda omkhuleko (Prayer Men’s League). Engene mhlaka 2 July kuya 3 August 2015, lengqungquthela ibihanjelwe amalungu avela ezifundeni ezilishumi ezakha iSekethe laseMvoti, eliholwa nguMongameli uMfu. S. M. Dumakude. Ukukuzwisa kwawomqobi nje:-

· NgolwesiHlanu – zonke izinceku zathola izipho kwabasekhaya, uMongameli wahlatshiswa isiklabhu (uphawu lokupha olwalushunyayelwa nguKristu).

· NgoMgqibelo yilapho lengqungquthela yabe isikhombisa injula noju lolwakuhlanganelwe ngamadoda, ukubala okumbalwa nje, ISIFUNDO SEBHAYIBHELI- ngoMfu. N. S. Mthethwa esasifundisa ngokuba kukaJesu “isinkwa namanzi okuphila”osidlayo akasayikulamba, owaphuzayo akasayikoma (operation phuza emthonjeni ndoda). INKULUMO YOSUKU – ngoMongameli N. M. Myaka ekhuluma ngenzondo ebhekiswe kwabokufika. Inhlangano yamadoda omkhuleko inomthwalo wokubathanda, ibanakekele, ibavikele njengoba kwakwenza uKristu eBandleni. IZIKHALI ZOKULWA NOsathane – ngoMongameli S. M. Dumakude, impi kasathane iphakiwe ibhekiswe emakholweni, kodwa ke kunezikhali zokuyinqoba, ukubala ezimbalwa, “izwi leNkosi, umkhuleko, ukubiza uJesu Kristu ukuba azokulwele nosathane”.

Kwaba khona neminye imisebenzi eyalandela izinkulumo ezinohlonzo. NgeSonto kwamenyezelwa ukuthi iRally yamadoda eSekethe iya eNtunjambili, ingqungquthela ka 2016 iya eHlanzeni

NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.