I ULMF Babambe intambama yomkhuleko womphakathi waseNhlalakahle ngesonto

2018-10-24 06:03

NGOMHLA zi-7 kuMfumfu (October) iULMF ibe nosuku lomkhuleko womphakathi ngokucelwa umphakathi nangokubona isidingo sokukhulekela ukuhlolwa kukaMatikuletsheni kanye nazo zonke izifo ezihlasele izwe kanye nomphakathi wethu.

Lenkonzo ibibanjelwe esontweni laseSheshi ngesonto ngesikhathi sika 5 pm. Kulenkonzo bekukhona wonke amabandla, kanye nabafundisi baseGreytown.

Kuvulwe ngokudumisa obekuholwa nguMfu. uBekisifo kwakhulekwa, sase singena kwinkonzo ebesize ngayo yokukhulekela ukuhlolwa kukaMatikuletsheni.

UMfu.J.C Khumalo okungusihlalo weULMF unikeze inkulumo yokukhuthaza iztshudeni esekelwe kwincwadi yeZaga 9:9-12. Uthe: “Ulwazi oluyilo yilolo oluvela kuJehova, ukwazi uJehova nokumesaba yikona kuhlakanipha okulindelekile nokubusisekile.”

Sibe sesingena enkonzweni yokukhulekela zonke izifo ezingumbulalazwe, inkonzo leyo ibikhokhelwa nguMfu. N. Mpuqa ongunobhala we ULMF.

Yena ufunde kwincwadi yamaHubo 34:1.

Wakugcizelela ukubaluleka kokumkhonza uJehova ngezikhathi zonke noma sekukubi siphakathi kwezivunguvungu zempilo ezifisa imiphefumulo yethu.

Kube sekubizwa izingane zikaMatikuletsheni zabekwa izandla ngabefundisi, zakhulekelwa nalezo ebezingekho kulenkonzo.

Wonke umuntu ube esecelwa ukuba abize kowakhe uNkulunkulu ngalowomzuzu ziboniswa ezinye zezinto ezisihlukumezayo siyisizwe nomphakathi waseGreytown.

USihlalo we Greytown Ministers Fraternal (GMF) uMfu. D.Z Madlala usithulele iKhansela lethu lakwa Wadi 7 uBaba uVukani Sibisi naye wakhulekelwa nzulu ebekwa izandla abafundisi bonke.

Bekulindeleke naye uMhlonishwa iMeya uNgubane kanye nesikhulumi somkhandlu ubaba uKhoza kodwa abakwazanga ukufika kanti nezixoliso zabo azifikanga. Kusidumazile kakhulu lokho kodwa siyathemba ngokuzayo bazobe bekhona bahlanganyele nathi.

Inkonzo yelizwi siyiphathelwe nguMfu. A. Zimu, yena ufunde encwadini yeZaga 18:10 kanye namaHubo kaDavide.

Usixwayisile ukuthi uma singamdumisi uJehova, kongena namaqhude nezimbongolo kube yizona ezidumisayo.

Waqhubeka wathi abefundisi yibona abaholi bomphakathi njengabantu abanikezwe uJehova umsebenzi wokulusa nokudlisa izimvu zedlelo likaJehova, ngakho-ke okuthinta abantu bomphakathi kahle noma kabi nathi njengabafundisi abasebenza lapha emphakathini kuyasithinta.

Makwazeke emphakathini ukuthi loluhlobo lwezinkonzo sekuzoba yinhlala yenza kulompha- kathi wethu. Sizokwenza uJehova engumsizi wethu. Simethem- bile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.