Ingozi yamarabi khona lana eMvoti

2018-03-07 06:01

Kulenyanga edlule, uFebruari, inkomo eyodwa, nezinja ezimbili zihloliwe, zatholwa zinamarabi. Sicela ukuthi bonke abomphakathi bahlale bayiqaphele lento, ukuba sizivikele ukuthi nathi singakutholi ukufa lokhu okubi kakhulu. Landela imithetho njenga siyithola kodokotela abazaziyo izinkinga ezihambisana nokufa kwamarabi: Okuhamba phambili impela yilokhu - uma wena unazo izinja noma amakati, kufanele ubhekisise ukuthi izilwane lezi zigonyiwe ngokufaneleyo.

Umdlwane ugonywa uma enezinyanga ezintathu, kuphindwe futhi uma sekuphele unyaka wokuqala. Ngemva kwalokhu kufanele ukuba izilwane zigonywe njalo ngemva kweminyaka emithathu. Okungcono kakhulu ukugoma njalo ngemva kwonyaka owodwa uma ukwazi ukwenza lokho, kodwa uma kungalungi lokho ukugoma ngemva kweminyaka emithathu nakho kuyasiza.

Kufanele ukuba umnikaziyo wenja ezimisele yena ukuthi ahlale aqaphele ukuthi izinja zakhe zigonywe njalo ngendlela efaneleyo. Uma inja yakho iluma umuntu umthetho udinga ukuthi ukwazi wena mnikaziyo ukufakaza ngephepha elivela kudokotela wezilwane, ukuthi inja yakho igonywe ngendlela efaneleyo.

Uma inja itholwa ukuthi ithinteke ngamarabi izobulawa ngokwomthetho, ngoba isuka isiyingozi emphakathini, uma ingagonyiwe.

Konke lokhu kukhomba ukuthi kusemqoka ukuthi izinja zonke zigonywe ngokwomthetho sonke isikhathi.

Athelelana kanjani amarabi?

Amarabi athelelana ngendlela yokuthi isilwane esinamarabi siluma esinye isilwane, noma kungaba yinja, noma esinye isilwane.

Igciwane lamarabi lihlala ebucoshweni noma ematheni noma emgogodlweni wesilwane. Kufanele ukuba umuntu aqaphele ukuthi angazithinti lezizindawo esilwaneni uma esola ukuthi kungenzeka ukuthi sinamarabi. Kungaba isilwane esifile noma esiphilayo.

Yiziphi izimpawu ezikhombisa ukuthi isilwane sinamarabi? Inja ikhombisa ngalezi zindlela ukuthi mhlawumbe inamarabi: Ngokujwayelekile iyazula, inolaka futhi iconsa amathe; ezinye ziyabonakala ukuthi ziyagula azisakwazi ukuhamba kahle, ihamba sengathi ikhubazekile.

Izinkomo zikhombisa ngalezi zindlela ukuthi zithelekile: uma zihlala zibhonge, noma zikhombisa ulaka, ziconsa amathe, imilenze ayinawo amandla noma azikwazi ukuphuza amanzi.

Uma kukhona eminye imininingwane odinga ukuyithola, sicela uthintane udokotela wezilwane oseMdlovane u-Dr. Isla Mackellar, wase-Umvoti Animal Hospital ku-Durban Street, 0334172073 / 0846438972 noma ungathintana noDan Mosadi (Control Animal Health Technician - osebenza esikhundleni kwezempilo zezilwane) - 071 687 5567.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.