Izaziso

2020-02-05 06:01

>MPHAKATHI waseMvoti niyaziswa ngomkhankaso wokuvikela umdlavusa womlomo wesibeletho ohambisana nomgomo wokuvikela umhlathi ngqi kanye nesifo esivimbanisa umphimbo. Lomkhankaso uqala mhla ka-11 kuNhlolanja(February) uphele mhla zingama-20 kuNdasa(Mach).

Ithimba labahlengikazi abazohambela ezikoleni nasemphakathini bazobe behambela izikole benikezela ngemigomo kumantombazane asemncane aneminyaka eyisishiyagalolunye(9), kuyaphezulu bebanga lesihlanu(Grade 5) ngokufunda esikoleni.

Abafana bebanga lesihlanu(Grade 5) bazonikekezelwa umgomo wokuvikela umhlathi ngqi kanye nesifo esivimbanisa umphimbo. Amantombazane wona azothola kokubili.

Abazali bayacelwa ukuba bavumele abantwana bagome ngokusayina imvume (conset form) ezofika nomntwana esikoleni baphinde baphathise amakhadi omgomo wontwana.

Siyabonga ukusebenzisana okuhle nezikole kanye nothisha base Mvoti.

Ngeminye imininingwane, xhumana noNkk Mbali Ntshingila(umxhumanisi wesibhedlela kanye nomphakathi) kulenombolo: 033 413 9400/ 071 055 2820, email: sethabile.ntshingila@kznhealth.gov.za noma uxhumane nomtholampilo oseduze nawe.

>UMnyango wezeNhlalakahle eGreytown Service Office ucela ukufuniswa laba abalandelayo:

1.Umama ka Noxolo Cebekhulu wase Ngome eMatishane.

2.Umama okungu Balungile Mkhize nobaba ka- Ayanda Zulu owabe ehlala ePietermaritzburg.

3.Umama kaNonsikelelo Zulu owase Ngome , umtwana washiywa ngunina uNonsikelelo Langa.

4.Kufunwa unina ka Sphesihle Dladla oku ngowase Ngome ozalwa nguKwazi Dladla wase Ngome.

5.Kufunwa umama ka Lindokuhle Ngidi owazalwa e Dalton ezalwa nguSanele Ngidi nomama ongaziwa, usehlala eNgome.

6.Ukufuniswa amama ka Nokuzola Kokoana owabe ehlala eGoli, uyise nguNtsebeshe Kokoana. Umtwana uhlala e Mbulwane.

7.Ukufuniswa umama ka Lindokuhle Mkhize okungu Patricia Ndlovu owabe ehlala eGoli , uyise womtwana nguThokozani Mkhize waseMbulwane.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.