Umkhandlu kamasipala ufisele abafundi ukubhala okuyimpumelelo

2018-10-31 06:00

UMKHANDLU kamasipala waseMshwathi oholwa yiMeya uSiphindile Zondi Mbhele ukhombise intshisekelo kubafundi.

Lokhu kulandela ukuthi lo Masipala usebenzisane noMnyango wezeMfundo ukuthi babize ukhukhulelangoqo wokuzokhulekela abafundi bakaMatikuletsheni.

Abahloli bezigceme ezahlukene, amaKhansela alo Mkhandlu, abafundi bezikole ezevile kuma-23, oThisha kanye noThishanhloko bahambele lendumezulu ukuze nabo bantshengise uthando nokufisela abafundi ukuthi ukubhala kwabo makube okungenazihibe.

Izikole bezihlangene ehholo lomphakathi iCool Air Hall elika Ward 7 oholwa ngu Khansela Sibongile Mbatha-Ntuli.

“Uma unyaka uqala sihlala sikhuleka sinifisela ukuthi nifunde kahle.

Manje sekuyisikhathi sokuthi siqinise kakhulu emkhulekweni ukuthi abafundi bazibonakalise ukuthi bafundile ngokuthi babe nokubhala okuyimpumelelo,” kusho iMeya uSiphindile Zondi Mbhele, ophinde wagcizelela ukuthi uHulumeni ufisa ukubona abafundi begcwele emaVasithi, angabi bikho ozokhala ngoku feyila nokuthi imali ayikho njengoba sekufundwa bhusende nje.

Isikhulumi sosuku uMfundisi Thanda Zulu owaziwa kakhulu emsakazweni uKhozi FM ucele abafundi ukuthi abangavumeli ukuphazanyiswa inkundla zokuxhumana.

Kanti noMnyango wezeMfundo nawo ugqugquzele abafundi ukuthi bafake kakhulu mfutho ke manje ngoba sekuya ngasemaphethelweni onyaka.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.