Uthando lwami lokugijima

2018-07-04 06:01
Thulani Zondi.

Thulani Zondi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGIQALE ukuthanda ukugijima ngisesikoleni samabanga aphansi. Ngiqale ngifunda eTholinhlanhla Primary School, ngalandela ngayongena eMdlovana Primary School. Nakhona ngiqhubekile ngokugijima sigijinyiswa uMiss Ngobese okwaba nguthisha owasinakekela kakhulu kwezemidlalo futhi efundisa ibanga lesine.

Esikoleni ngangidlala ibhola lezinyawo kodwa ukugijima ngangikuthanda kakhulu ngoba kwakwenza ngihambe izindawo eziningi.

Kubemnandi ngikuthokozela ukuhamba nokubona ezinye izindawo. Ngonyaka ka-1998 ngayoqala e-Elsie Mtshali Combined School.

Nakhona ngafika ngaqhubeka ngokugijima sincintisana nezinye izikole khona sasigijinyiswa uthisha uNkomo. Ngemva kwalokho ngaya eHowick eMpophomeni, sengiyofunda ibanga leshumi e-Asibemunye High School. Nala engaqeda khona ibanga leshuminambili ngonyaka ka-2004.

Ngafika ngaqhubeka nakhona ukugijima, sasigijinyiswa uthisha uMtombo.

Kwathi sengiqede ibanga leshuminambili, ngayeka ukugijima ngadlala ibhola lezinyawo ngoba ngingazi ukuthi ngizoqhubeka kanjani nakho ukugijima. Ngalesisikhathi besengibuyele eGreytown ngonyaka ka-2005. Ngidlalele amaqembu amaningi nje engaba kuwo ama-football club, ikakhulu asemapulazini. Ngesizathu sokuthi ngalimala njalo ngiphuze ukululama; nokungazimiseli kwabantu esasidlala nabo, abanye bephuza utshwala kakhulu, bengayi okodlala, noma kujinywa bengezi ukuzojima.

Ngabe sengibona kungcono ngiqhubeke ngokugijima ngaleso sikhathi bese kungu-2016. Ukugijima uyakwazi ukugijima uwedwa nokugijima ngaleso sikhathi ngikuqale ngingedwa.

Ngiqale ngagijima o-5 km, 10 km, 17 km. Kuthe ngo April 2017 ngangenela i-JG Zuma Marathon,ngayiqeda ngesikhathi sika 3 hours, 42 minutes. Kwaba imarathon yami yokuqala, ngokuthi ngikwazile ukuyiqeda ngabe sengiba nomdlandlo omkhulu nokukhuthazeka.

Ngazama ukuthola abangangisiza ngatholana noBheki Nhlengethwa, uKwenza Ngubane noLindelani Ximba abaseMdlovane, abangiphe ulwazi oluningi ngokugijima. Ngithole ukukhuthazwa ngomndeni wakwaCockburn. Yibona abangisizile ukuze ngingene kwi-Umvoti Athletics Club. Ngikhuthazeke kakhulu ngokubona nezingane zami, uPhilasande no-Asiphile, zikuthokozela ukugijima kwami zize zisho zithi “sizogijima nawe webaba”.

Lokho kungikhuthaze kakhulu. Ngothando nangokuzimisela kungenze ngahlangana noJames Torlage noJason Gorzellok nabo bangisize kakhulu. Noma ungabibikho umjaho esengiwunqobile kodwa uthando nokuzimisela nginakho.

Eminye yemijaho esengiyigijimile iMandela Marathon u42,2 km ngo-2017. Ngayenza ngo 3:17,29. Ngo-March 2018 ngangenela iTwo Oceans Ultra Marathon (56 km) ngayigijima ngo 4:15,36, ngangenela neComrades Marathon ngo-June 2018, ngigijime isikhathi sika 7:51,29. Ngibonga kubo bonke abangisekelile nabangikhuthazayo.

Ngithanda ukugqugquzela abantu ukuthi bagijime ikakhulu intsha beyeke ukuphuza utshwala nezinye izidakamizwa beziyeke bethande ukugijima.

Ukugijima kumnandi kakhulu kuyenzeka kanti kuyaphilisa. Usizo nolwazi ngokugijima ukuziqeqesha ukuthi ungaziqeqesha kanjani kuyatholakala. oKwenza, noBheki, noLindelani abaseMdlovane bamukela wonke umuntu kanti balungile banomoya omuhle ungaxhumana nabo. Ngiyabonga kakhulu nakubo, bangisize kakhulu.

Ngiyanikhuthaza nonke ukuze nizwe nani ukuthi kumnandi kanjani ukugijima!

Ithi iComrades: “ASIJIKI!”

Contributed by Thulani Zondi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.