AbeNhlanhleni bacela uxhaso

2015-10-06 06:00
IZITHOMBE: NOSipho mkhize

Amanye amalungu enhlangano uMnuz Elliot Ntshangase, uNkk Samukelisiwe Mashaba, uNks Zanele Chonco noMfu Alfred Ntshangase.

IZITHOMBE: NOSipho mkhize Amanye amalungu enhlangano uMnuz Elliot Ntshangase, uNkk Samukelisiwe Mashaba, uNks Zanele Chonco noMfu Alfred Ntshangase.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABE-nhlangano ebizwa ngokuthi yi-Enhlanhleni Isibani Sezwe okuyi nhlangano enakekela imindeni entulayo nezintandane eholwa nguMfu Alfred Ntshangase KwaDabeka inxusa amalungu omphakathi osomabhizini nezinhlangano eza hlukahlukene ukuba bayilekelele ngezidingo zayo ikakhulukazi ngamaphasela okudla.

UMfu Ntshangase uthe njengoba le nhlangano iphekela abantwana ababhalise ngaphansi kwayo nabantwana bomphakathi, kubuye kube nzima ngezinye izinsuku njengoba bebuye bephelelwe ukudla. “Le nhhlangana iphekela izingane ezingama-126. Njalo mezibuya esikoleni kumele zifike emahhovisini ethu ukuze zithole okuya ngasethunjini ngaphambi kokuba sizisize ngomsebenzi wezincwadi eziwu nikwe esikoleni. Kuba nzima kakhulu kwenziye izinsuku ngoba siphelelwa ukudla esikuphekela izingane bese zihlale zilambile kwazise nasemakhaya ezisuka kuwona kuphilwa kanzima,” kusho yena.

Uqhube wathi njengoba engumfundisi webandla lase-zion elibizwa ngokuthi yi-Enhlanhleni Phillipian Church, ukholelwa ukusizeni abantu ngakho kwabonakala kukuhle ukuthi ibandla liqale lenhlangano emva kokuba kutholwe ukuthi izingane ezikusonto skole ziqhamuka emakhaya ampofu. “Le nhlangano iqale ngo-2002 emva kokuba sibone izingane zika sonto skole ziphuma emakhaya antulayo. Iningi lalezi zingane zihlukumezekile ngenzindlela ezahlukahlukene, ezinye ziyizi ntanda kuthi ezinye zinesifo zesandulela ngculazi.”

“Le nhlangano ayigcini nje ngokusiza izingane ezibhalise ngaphansi kwayo kodwa nomphakathi uyafika nezinkinga futhi siyabalekelela ngoba asikholelwa ekutheni sixoshe umuntu odinga usizo. Yize siphakela izingane eziyi-126 kodwa sigcina sesisiza abantu abanga phezulu kwama-1000.”

Uthe kuningi okunye le nhlangano ezibandakanye kukhona. “Ngaphandle kokuphekela lezingane siphinde sizisize ngemisebenzi yesikole bese kulezo ezidla imishwanguzo, siyazifundisa ukuthi kungani zidla imishwanguzo nokuthi isiza kuphi ngoba iningi lezingane ziyafihlelwa emkhaya ukuthi zinesifo sesandulela ngculazi. Sike sicele amalungu omphakathi anezingubo angazisebenzisi ukuthi banikele ngazo ukuze sinike labantwana.”

“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi abazali balaba ntwana bayagula iningi labo alisakwazi nokuzenzela lutho ngakho siyababheka emakhaya lokhu okwaziwa ngokuthi ama-home visits sifike sibageze sibaphe amaphilisi bese sibapha ukudla. Uma bengasitholi isibonelelo sika hulumeni siphinde siba size ngoba sisebenzisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.”

Uqhube wathi isifiso sakhe ukuthi bekwazi ukuphekela abantwana nomphakathi zinsuku zonke kodwa lokhu kungenzeka uma nje kungase kube khona umsamariya olungileyo onganikela ngamaphasela okudla.

“Into ebaluleke kakhulu kule nhlangano ukuphekela abantu yingakho sidinga abantu abangasinikelela ngaphasela okudla ukuze sikwazi ukupheka zinsuku zonke. Ngoba kuba buhlungu kwezinye izinsuku mese sibuka izingane zilambile.”

Uthe le nhlangano nabantu abadala abaphila nesifo sesandulela ngculazi. Bayabalekelela ngokuthola imishwaguzo bese bebaluleka ngaso lesi sifo.

“Emva kokuba sibone ukuthi sebeluleme sibafundisa ukutshala engadini nokwenza ubuhlalu ukuze bedayisele umphakathi bethole imali yokuziphilisa bona nemindeni yabo. Okunye esikuhlelayo wukuthi sibafundise ukuthunga, kodwa asinayo imishini yokuthunga ukuze siqale ama klasi. Siphinde sibe nama volontiya aluleka abesifazane abadlwenguliwe, khona nogogo abahlala nabazukulu abadla izidakamizwa ezingekho emthethweni bagcina sebedlwengule ogogo emakhaya, labo gogo siyabasiza kule nhlangano sibaluleke bese kulabo abadinga umatikuletsheni siyabasiza njegoba sinamaklasi angena ebsuku”

“Nginxuse umphakathi, osomabhizini nabanye ukuthi usixhase ngezitsha nezipuni zokudla, imifaniswano nezicathulo zesikole, izingubo zokugqoka, amaphasela okudla nanoma yini umuntu afisa ukusixhasa ngayo sizokwamukela ngezandla ezimhlophe.”

Uma kukhona othanda ukuxhasa le nhlangano angashayela uMfu Ntshangase enombolweni ethi: 082 666 0876 noma kwi kheli le email elithi: enhlanhleni@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.