Balekelela abahlukumezekile

2015-08-11 06:00
Isithombe: nosipho mkhize
UNkk Zumisile Busane, UNks Precious Msomi noNks Thandi Tshone beKwaDabeka Trauma Centre.

Isithombe: nosipho mkhize UNkk Zumisile Busane, UNks Precious Msomi noNks Thandi Tshone beKwaDabeka Trauma Centre.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABE-KwaDabeka Trauma Centre balekelela abesifazane, izingane nemindeni ehlukumezekile ngezindlela ezahlukahlukene. Okhukumela iKwaDabeka Trauma Centre, uNks Thandi Tshone uthe: “Lo mnyango wasungulwa ngo-2013. I-KwaDabeka Trauma Centre, ilekelelwa i-Open Door Crisis Centre, isiza osebenzisa izidakamizwa ezingekho emthwethweni njengoba sibhekene nabantu abaphila endaweni enobuphofu, iningi labo elingasebenzi,” kusho yena.

Uthe lo mnyango usebenzisana nezikole ezahlukene kule ndawo njengoba bevakashela izikole benze nemikhankaso yokulwa nezidakamizwa ezingekho emthethweni. “Iningi labafundi liphendukela ezidakamizweni ezingekho emthethweni ngenxa yokubuka isimo sempilo abahlala kuso emphakathini. Sinikela ngamaphasela okudla kulabo ababhalise kulo mnyango iningi labo silithumela kwinhlangano eyaziwa ngokuthi yi-KwaCare. Kulabo ababaleka emakhaya ngenxa yokuhlukumezeka sibanikeza izingubo nezinto zokugeza ngaphambi kokuthi sibathumele kwinhlangano i-Open Door Crisis Centre.”

I-Trauma Centre isebenzisana nama volontiya amathathu, amaphoyisa aKwaDabeka amathathu nomxhumanisi oyedwa. “Amaphoyisa asilekelela ngokuthumela abantu abadlwenguliwe noma abahlukumezekile ukuze siba nike iziluleko bese sibasiza ngokunye abakudingayo,” kusho uNks Tshone.

Uthe inselelo ababhekene nayo e-Trauma Centre wukuthi iningi labantu ababasizayo abasebenzi, okwenza kube nzima ukuthi bethole imali yokugibela uma kumele baye e-Trauma Centre. “Abantu bathwala kanzima uma kumele bebonane nathi, ngoba iningi labo likhala ngokungabi nayo imali yokugibela. Kumele ngabe sibonana nabo kanye ngesonto ukuze bezolulekwa kodwa sigcine sesibonana nabo kanye ngenyanga. Enye inselelo wukuthi kuba nzima ukubonana nalabo asebegula kakhulu ngoba abakwazi ukuzihambela, nathi asinayo kahle imali esikhwameni somnyango, yokuthi sibavakashele njalo, kodwa sizama ngayo yonke indlela ukuthi sibasize uma sinawo amandla.”

Abe-Trauma Centre bacele noma ngabe ubani abaxhase ngokufanelekileyo. “Sinxusa osamabhizinisi, amabandla nomphakathi ukuthi usixhase.”

Uma kukhona ongathanda ukuxhasa iKwaDabeka Trauma Centre angashayela inombolo ethi: 031 711 9940 noma athumele umyalezo ngekheli le email elithi: swazilanddabeka@gmail.com.

Simema abafundi baleli phephandaba iFever ukuba bexhumane nathi enombolweni ethi: 073 154 4117

NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.