Bayingozi okhilimu abashintsha isikhumba

2015-09-29 06:00
isithombe: sithunyelwe

Omunye wokhilimu abasetshenziswa abesimame nabesilisa abenza isikhumba sikhanye ngebala.

isithombe: sithunyelwe Omunye wokhilimu abasetshenziswa abesimame nabesilisa abenza isikhumba sikhanye ngebala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUBA nebala elikhanyayo kubukeka sengathi kungenisile emphakathini esiphila kuwo, lokhu kuvele ngesikhathi intokazi uFuthi Mkhize ehlele umkhankaso obugqugquzelwe nguMasipla waseThekwini obune siqubulo esithi ‘Ngimnyama Ngimuhle’ (Black is Beautiful).

Lo mkhankaso ubuse Botanic Gardens eThekwini, lapho bekukhona osaziwayo nodokotela bezikhumba bekhuluma nabantu ngokushintsha ibala le ndalo ngokhilimu. Intatheli yeFEVER ikhulume noNks Nokuthula Jwara waKwaDabeka uthe uqale ukusebenzisa labo khilimu abadayisa emgwaqeni ngonyaka odlule emva kokuba amile izinduna ebusweni. “Bengiwumuntu onesikhumba esihle ngesikhathi ngisakhula. Kuthe sengiqala ukungena ebuntombini ngaba nezinduna. Akukho engingaku zamanga. Ngasebenzisa okhilimu abahlukene, kodwa kungasebenzi lutho. Umngani wami ube esengiyalela ukhilimu thizeni otholakala ematafuleni emgwaqeni nasema khemisi.

“Into ebuhlungu wukuthi bengizitshela ukuthi lo khilimu uzongisiza ngoba nomgani wami unesikhumba esihle futhi uthi naye uyawusebenzisa lo khilimu. Ngawusebenzisa kodwa wavele wangenza ngamhlophe ngebala kodwa washiya amabala omnyama ebusweni. Okubuhlungu wukuthi ngiqhubekile ngawusebenzisa ngizitshela ukuthi usazo sebenza kodwa lutho. Kuyimanje ngimhlophe ngalendlela yokuthi umuntu ukwazi ukubona imithambo yobuso.

“Ukube bengisebenza ngabe ngiya kudokotela wesikhumba ukuze angihlole kahle athole ukuthi yimuphi ukhilimu olungele isikhumba sami. Ngeshwa-ke anginayo imali,” kusho uNks Jwara.

Intatheli yeFEVER iphinde yakhuluma nentokazi yaKwaNyuswa engathandanga kudalulwe igama layo.

Ithe: “Ngiyawusebenzisa ukhilimu ongenza ngibe mhlophe ngokwebala futhi ngeke-nje ngize ngiwuyeke. Abangani bami bahlezi bethi ekuhambeni kwesikhathi lo khilimu uzolimaza isikhumba sami kodwa angikuboni lokho kwenzeka kimina ngoba ngiwusebenzisa ngenye indlela. Okwangenza ukuthi ngisebenzise lo khilimu wukuthi ngangizi nyeza ngesikhathi nginebala elimnyama. Ngaqala ngathenga ukhilimu wokwenza ibala lami likhanye, nangempela lo khilimu wenza into engangiyi lindele. Uma ngizibuka esibukweni ngizibona ngimuhle kanti phambilini ngangizibona ngimubi.

“Okuhle wukuthi ngisho nabafana sebeqala ukungishela kakhulu kunakuqala, abanye bangibiza ngo-yellow bone. Ngeke nje ngikwazi ukuhlala ngingawugcobi ukhilimu wami,” kusho yena.

UNkk futhi Mkhize ongumsunguli wesikole esaziwa ngokuthi yi-The Beauty Academy uthe umkhankaso othi Ngimnyama Ngimuhle, ulwisana nalabo khilimu abadayiswa ngokungemthetho emgwaqeni, futhi iningi labo litholakala ezindaweni zokucwala izinwele nase makhemisi.

Uthe: “Kulo mkhankaso bekukhona ochwepheshe bezo khuluma nabesimame nabesilisa ngobungozi bokusebenzisa labo khilimu, ngoba akusibo abesimame kuphela abasebenzisa labo khilimu kodwa nabesilisa sebengenelele kulo mkhuba.

“Iningi labantu abasebenzisa labo khilimu babhekana nenkinga yokuba namabala angasuki ebusweni, ukusha kwesikhumba okudalwa ukhilimu nesifo somdlavuza wesikhumba,” kusho uNkk Mkhize.

UNkk Nomvuzo Shabalala oyiSekela likaMeya waseThekwini uthe. “Singaba kwaMasipala waseThekwini siyawugqugquzela lo mkhankaso olwisana nokusetshenziswa kokhilimu abalimaza isikhumbu. Mkhulu umsebenzi odinga ukwenziwa ekuxwayiseni amalungu omphakathi ngalabo khilimu abayingozi.”

Mfundi weFEVER uthini umbono wakho ngalabo khilimu abashintsha ibala lendalo.

Sithumele isms enombolweni ethi: 073 154 4117 noma ngekheli le-email elithi: nosipho.mkhize@media24.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.