IZELAMANI zakwaNxele ezidabuka eMlazi eningizimu yeTheku ezinekhono elibabazekayo lokuthunga, zithi ikhono nothando lokuthunga izimpahla zokugqoka zalifunda kugogo wazo, okumanje zithungela abantu abaqhamuka ezindaweni zase-Pinetown, Hillcrest KwaDabeka nase Thekwini namaphethelo, sezize zavula inkampani eyaziwa ngokuthi yiZobrinx Collection.
UZanele (38), uZandile (45) noZodwa ongasekho emhlabeni. UZanele uthe uthando lokuthunga lwaqala kugogo wabo, lwadlulela kumama wabo lwaze lwangenela kubona.
Uthe: “Ugogo wayengumthungi wama phinifo nemifaniswano yenkonzo enjengama joyini. Wayebabiza athi abamfakele ukotini enalitini yomshini wokuthunga abuye athi abawunqume ezimpahleni,”
“Ngelinye ilanga wabuya sesisike izindwangu zakhe sesithungile. Kwenzeka lokhu nje, nomama naye ungumthungi uyazigijimela endwangwini. Ngokuhamba kwesikhathi sabona kukuhle ukuthi nathi sibe ngabathungi,” kusho yena.
Uthe udadewabo omdala uZandile waqala ukufunda ukuthunga ngo-1990, naye wase engenwa wugqozi lokufundela ukuthunga.
Uthe: “Ngacabanga ukuthi kungakuhle nami ngilandele ezinyathelweni zika Zodwa ngakho ngafunda esikoleni semfashini, iLindiwe Khuzwayo Academy for Designers, esise-Thekwini, ngase ngiqala ukuzithungela ekhaya ngo-2007,” kusho uZanele.
Eqhuba uthe uZodwa usishiya emhlabeni ngenyanga edlule, naye owayekuyo le nkampani. Wayesebenza enkampanini ethile, wakhetha ukushiya kuleyo nkampani ngenxa yokuthi naye enothando lokufunda ukuthunga. Uthe ngelinye ilanga bafika uZodwa esethunge izingubo ezimbili, bamangaliswa wukuthi usegila izimanga engafundanga ndawo, kwamane kwabonakala ukuthi wuthando olwamenza wakwazi ukuthunga.
Lezi zintokazi zikhulele ekhaya elinobumbano, uthando nokuzwana. Zithi unina wathola izingane zamantombazane ezinhlanu, kepha ezintathu zaba nothando ekufundeni ukuthunga.
Eqhuba uZanele uthe: “Sikhule siwumndeni obambisene nonothando. Sifundiswe ukubambisana kunoma yini esiyenzayo futhi siyasizana ezintweni ezinhle esikhundleni sokumonelana siyizingane zandawonye.”
Ngenkathi sebebona ukuthi leli khono lokuthunga selisegazini, bahlala phansi babonisana ngokuvula ibhizinisi lokudayisa izingubo abazithungele bona.
“Sacabanga ukuthi kungakuhle sibe nebhizinisi lomndeni lapho sizongenisa imali ngekhono lethu lokuthunga,” kusho uZanele. Ngo-2010 bavumelana ngokusungula inkampani yabo iZobrinx Collection.
Leli gama lithathelwe emagameni abo kwahlanganiswa nesibongo. Uthe elinye igama likaZodwa nguBridgette, elikaZandile nguBrenda yena abe nguSheila.
Uthe basebenzisana kahle nodadewabo futhi bafundisana okuningi ngaso sonke isikhathi, njengoba behlezi beqhamuka nama cebo amasha futhi anothile.
Uthe kunzima ukuba wumthungi owaziwayo kuleli, njengoba abantu abaningi sebathatha lo mkhakha wezemfashini.
Uthe baningi asebefundela ukuthunga nasebevele besebhizinisini lakho. Uthe yingakho kubanzima ukwaziwa, kodwa kuye ngokuthi umthungi uthunga luphi uhlobo lwezimpahla noma ukopela imikhiqizo yabanye. Ingozi uthi isekutheni uma umuntu ekopela imikhiqizo yabanye, ushayeka kakhulu, kodwa uma eziqhamukela nemikhiqizo yakhe abantu bayakujabulela lokho.
Obunye ubunzima athe basahlangabezana nabo obokuthi amanye amakhasimende abo awasho uma ebuzwa ukuthi izingubo azithungise kuphi. Asuke ebalekela ukuthi azofaniselana nabanye. Uthi lokhu kuyababulala bona njengabakhiqizi bezingubo ngoba kubanciphisela ngebhizinisi.
Uthe isifiso sabo wukuthi ngelinye ilanga babone umsebenzi wabo udayiswa ezitolo ezinkulu ezaziwayo kuleli.
IZobrinx Collection ikhiqiza izinhlobo ezahlukene zezingubo ikhakhulukazi zabantu abakhulu ngemizimba, nezilungele ukugqokwa kunoma iyiphi imicimbi kusukela kweyamabhizinisi, eyesintu nemishado. Ikhiqizela nezingane kanye nemifaniswano yamabandla. Batholakala enombolweni ethi: 079 284 9798.
Uma kukhona udaba othanda silushicilele sithumele i-sms enombolweni ethi: 073 154 4117 nendawo lapho ohlala khona ukuze sizozifikela mathupha.