Bacela uxhaso abanakekela abahlwempu

2018-04-03 06:01
isithombe: nosipho mkhizeUNks Nosindiswa Mgobozi oyilungu le nhlangano unxusa umphakathi uyilekelele.

isithombe: nosipho mkhizeUNks Nosindiswa Mgobozi oyilungu le nhlangano unxusa umphakathi uyilekelele.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU enhlangano elekelela umphakathi nabantwana abantulayo eyaziwa ngokuthi yi-Enhlanhleni Isibani Sezwe anxusa umphakathi osomabhizinisi, amabandla ahlukene ukuba abaxhase njengoba ishodelwa ukudla enikela ngakho emphakathini.

Umsunguli wenhlangano, uMfu Ntshangase, uthe le nhlangano ilekelela abantu abagaphezu kwama-80 njengoba ivamise ukubaphekela ukudla kathathu ngesonto.

Uthe: “Inani labantu esibapha ukudla liyanda usuku nosuku. lokhu sikubona ngoba sesize sishodelwe amapleti nezipuni uma sibaphakela.

“Sidinga kakhulu isitofu segesi, ukudla, amapleti nezipuni. Sizama konke okusemandleni ukukhulisa isikhwama semali njengoba senza izinhlelo zokudayisa izingubo esiziphiwe amalungu omphakathi kodwa imali esiyitholayo ayeneli.

“Sigxile kakhulu ekulekeleleni izingane ngoba iningi lazo zilala zilambile emakhaya. Siyaqikelela ukuthi izingane ziza ehhovisi lethu uma seziphuma esikoleni ukuze sikwazi ukubanika ukudla ngaphambi kokubasiza ngomsebenzi wesikole,” kusho uMfu Ntshangase.

Inhlangano igxile kakhulu ekusizeni izintandane nabantwana abahlukumezeke ngezindlela ezahlukene emphakathini.

Le nhlangano yasungulwa ngo-2002 emva kokuba uMfu Ntshangase ebone iningi le zingane eziyizi ntandane emphakathini.

Uthe: “Inhlangano yaqala ngamalungu kaSontoskole ngo-2002, kodwa yakhula eminyakeni edlule ngemva kokubona ukuthi iningi lo mphakathi wethu uhlala ngaphansi kwezimo ezimbi.

“Sondla izingane ezingu-126 kodwa kwesinye isikhathi kugcine sekufika nabanye emphakathini sigcine sesisiza abantu abangaphezu kuka-1 000, kubandakanya izingane nabantu abadala.

“Kwesinye isikhathi ezinye izingane azinaso isitifiketi zokuzalwa noma isibonelelo sika hulumeni, ngakho-ke sisebenzisana neminyango kahulumeni eyehlukene ukuze le zingane zibhaliselwe esikoleni bese zithola nemali yesibonelelo sika hulumeni,” kusho yena.

Iningi la labantwana baphila nesifo sesandulela ngculazi ngakho-ke ama volontiya ale nhlahlano ayazifundisa izingane ngalesi sifo.

“Sinama volontiya afundisa ngalesi sifo nokuthi kungani kumele zidle imishwanguzo yama-ARV.

“Abanye babo babengazi ukuthi banalesi sifo ngoba imindeni yabo yayesaba ukubatshela.

“Intsha eningi emphakathini ihlala nogogo nomkhulu bayo, futhi ivame ukusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni.

“Lentsha ivamise ukuntshontsha emakhaya ukuze yanelise izifiso zayo zokusebenzisa lezi zidakamizwa futhi abanye babo bagcine sebedlwengule izingane emphakathini. Konke lokhu inhlangano izama ngokusemandleni ukungenelela iphinde ilekelele labo abadinga usizo ezimweni ezifuze lezi,” kusho yena.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngale nhlangano noma uma uthanda ukuyixhasa shayela uMfu Ntshangase enombolweni ethi:082 666 0876.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.