Balwisana nokubulawa kwabantu besifazane

2018-05-22 06:00
Ithimba laKwaNyuswa elizimisele ngolwisana nokubulawa kwabesifazane. isithombe: sithunyelwe

Ithimba laKwaNyuswa elizimisele ngolwisana nokubulawa kwabesifazane. isithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ITHIMBA lentsha laKwaNyuswa limele iKwaZulu-Natal emhlanganweni obuse East London lapho benikwe inselelo yokulwisana nokubulawa kwabantu besifazane nokudlwengulwa kwezaguga emphakathini abasuka kuwo.
Leli thimba lifundisane nentsha eqhamuka ezindaweni ezehlukene ngezindlela zokulwa nezinkinga ezenzeka emiphakathini yalo.

Lomhlangano ubuhlelwe yinhlangano ebizwa ngokuthi yi-eActivater e-East London. Le nhlangano ikhethe leli thimba ukuba lisebenzisane nezikole eziKwaNyuswa lapho lizoba nezinhlelo ezahlukahlukene kanye nokufundisa intsha ezikoleni ngamalungelo ayo nezindlela zokulwa nokuhlukunyezwa nokudlwengulwa kwabantu besimame.

Okhulumela leli thimba uMnuz Sbusiso Nzama uthe: “Ngesikhathi sinalemihlangano kuningi esikubonile nesikufundile ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nokungafundiseki kwabantu

“Njengokuthi uma kukhona isigameko esehlekele owesifazane kumele lolodaba balubike emaphoyiseni noma ezinhlanganweni ezilwisana nobugebengu emphakathini. “Ngithole ukuthi imfundiso oyithola ekhaya ibalulekile ngoba idlala indima enkulu emilweni yakho.

“Loluhlelo luhlose ukugxila kakhulu ezinganeni nakwi zaguga ngoba yibona abahlukumezeke kakhulu emphakathini.”

Uqhube wathi leli thimba lizimisele ekusizeni umphakathi futhi lizo qinisekisa ukuthi linikeza intsha ulwazi abaludingayo.

Uthe lokhu bazokwenza ngokubabisana nezinhlangano ezahlukene ezibhekelela ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

“Kumele kuphele ukubulawa nokuhlukumezeka kwabantu besifazane yisikhathi sokuletha ushintsho nokuthula.

Uma uthanda ukuthi leli thimba livakashele esikoleni sangakini noma emphakathini osuka kuwona xhumana noMnuz Nzama enombolweni ethi:073 911 9912.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.