Banakekela abadinga usizo

2016-08-09 06:00
isithombe: nosipho mkhize Umsunguli wenhlangano ye-UBuntu Crisis Centre uNks Pumla Mbelu.

isithombe: nosipho mkhize Umsunguli wenhlangano ye-UBuntu Crisis Centre uNks Pumla Mbelu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIMAME wase-Wyebank owasungula inhlangano i-uBuntu Crisis Centre ngo-1999 uthe waqala le nhlangano emva kokubona indlela imindeni eminingi ixakeke ngayo futhi iningi lama lungu ayo ayizintandane.
UNks Pumla Mbelu uthe: “Ngangiwu nompilo womphakathi ngijwayele ukuvakashela imindeni ngiyifundise ngokuthola isibonelelo sika hulumeni ngibasize begcwalise ama-form akhona, ngiphinde ngiba fundise ngokuphila impilo yokuzinakekela.”
Uthe ngokuhamba kwesikhathi wathola ukuthi iningi lale mindeni ayidingi ukufundiswa ngalezi zinto nje kuphela, ngoba iningi layo lihlukumezeke ngezindlela ezehlukene.
Uthe: “Iningi lemindeni yayi xakwe ububha, iningi lezi ngane zazi shiywe abazali, abanye babe bulawa isifo sesandulela ngculazi.
“Amakhaya amaningi aye mahle uma uwabuka ngaphandle kodwa uma ungena ngaphakathi wawuthola ukuthi amalungu omndeni ahlukumezekile, njengokuthi ubaba wekhaya ushaya uNkosikazi wakhe phambi kwezingane futhi amuthuke ngenhlamba phambi kwezingane. Lapho ingane ikhula yazi ukuthi inhlamba yinto enhle. Ngabona ukuthi lukhulu ushintsho nosizo olu dingakalayo,” kusho yena.
Ngaleso sikhathi uNks Mbelu waye sebenzisana nowesi mame ovela kuMasipala weTheku okunguNks Mpho Mthembu omunye esuka eHillcrest uJoey du Plessis okuyibona abalekelela ekutheni aqale ingadi nomphakathi wase Wyebank.
“Ngo-2000 ngaba nombono wokuthi kuqalwe ingadi ezolekelela umphakathi. Kwakune hlathi elali setshenziselwa ubugebengu, abantu bebe bulawa belahlwe kulelo hlathi, abanye bedlwengulwa. Ngaqoqa amalungu omphakathi ukuthi bebhushe lelo hlathi elali setshenziswa yizi gilamkhuba. Ngabe sengibafundisa ukuthi beyiqale kanjan ingadi.”

Uqhube wathi: “Ngo-2005 sazama ukubhalisa le nhlangano ngokusemthethweni kodwa imizamo yethu ayiphumelelanga. Kwathi ngo-2006 senza umbukiso womsebenzi wethu wobuhlalo. Abantu abaningi bewu ncoma umsebenzi wethu. Saba nenhlanhla yokuthi sitholane nabesilisa ababili abangama lungu eKhula Youth, basi siza ukuthi sibhalise le nhlangano basifundisa nomthetho sisekelo. Basiyalela emnyangweni efanele okuyi lapho sabhalisa i-UBuntu Crisis Centre ngokuse mthethweni.”

Inhloso yale nhlangano ngaleso sikhathi kwakuwu kufundisa amalungu omphakathi ngesifo sesandulela ngculazi bephinde belekelele nalabo abaxakekile.
“UMnyango wezeMpilo walekelela ekuqeqesheni onompilo bomphakathi ukuze bekwazi ukululeka abalungu emindeni nalabo abathintekayo yilesi sifo. Okunye esikwenzayo ukululeka abahlukumezeke ngezindlela ezehlukene, yilabo abasebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni, izingane ezihlukumezekile, ezidlwenguliwe neziyi zintandane.

“Sisebenza kakhulu nabantwana nentsha ehlukumezekile neyizi ntandane uma kuwukuthi umsebenzi ungaphezu kwamandla ethu sibathumela enhlanganweni esePinetown ebizwa ngokuthi yi-Open Door Crisis Centre. UMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal wasilekelela ngokusinika usonhlalakahle ukuthi asebenze kanye nathi,” kusho uNks Mbelu.
Uthe kuningi le nhlangano ekwenzayo ukuze kunakekelwe umphakathi kubalwa ukudala amathuba emisebenzi.
Uthe: “Iningi lentsha lizibandakanya ebugebengwini ngenxa yokuthi ayisebenzi, yingakho le nhlangano idlala indima ekudaleni amathuba emisebenzi. Sibaqeqeshela i-home-based care, ukuba ngonompilo base mphakathini kanye nokuthola imifundaze.
Le nhlangano iphinde iqeqeshe nezi nhlangano zezenkolo kanye neziNkosi neziNduna zendawo ukuze bebe nolwazi olwenele ngezinto ezenzeka emphakathini.
“Laba holi babuyela kubalandeli babo sebe nolwazi ngezinto eziningi ezenzeka emphakathini bephinde beba fundise ngakho.
Njengamanje sine-project esiyibiza ngokuthi yi-New Venture Creation, lapho siqeqesha intsha engama-150 ukuthi bekwazi ukuziqalela amabhizinisi.

“UMasipala weTheku wasixhasa ngemishini yokuthunga ukuze siqale i-project nomama base ndaweni.”
I-UBuntu Crisis Centre inxusa amalungu omphakathi, osomabhizinisi nezinhlangano ezehlukene ukuthi bebaxhase.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngale nhlangano shayela inombolo ethi: 031 707 6198 noma uthumele ngekhekheli le email elithi: info@ubuntucrisiscentre.org.za

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.