Banakekela abantwana abalahliwe

2017-02-14 06:01
isithombe: sithunyelwe Kwesokunxele Umsunguli we-Open Arms uNks Youandi Gilain nezingane zenhlangano.

isithombe: sithunyelwe Kwesokunxele Umsunguli we-Open Arms uNks Youandi Gilain nezingane zenhlangano.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Inhlangano enakekela izingane eyaziwa ngokuthi yi-Isaiah 54 yasungula i-project ebizwa ngokuthi yi-Open Arms Project ekhusela izinganezisanda kuzalwa ezilahlwe ngabazali bazo.
I-Open Arms Project ineminyaka emibili yasungulwa emva kokuba bethole ingane engakanqunywa inkaba ilahlwe ngu nina eBluff eNingizimu yeTheku.
Okhulumela i-Open Arms Project uNks Youandi Gilain uthe miningi imibuzo ahlezi ezibuza yona ngale ngane eyatholakala ilahliwe, njengokuthi uphi umama wayo? isiphi isizathu esimenze walahla ingane isanda kuzalwa? ngabe usaphila lapho ekhona? ngabe uyaluthola usizo ngokululekwa ngokwengqondo?
“Le mibuzo ihlezi ingibusa engqondweni ikakhulukazi uma ngibuka le ngane eyalahlwa ngivele ngifikelwe izinyembezi mengiyibuka ngoba ngikholelwa wukuthi ingane ayinacala futhi inelungelo lokujabula nokunakekelwa njengabo bonke abantu. Kuze kube yinamuhla asikaze simuthungathe unina walo mntwana.”

UNkk Gilain uthe ufunde okuningi kusukela ngesikhathi asungula le-project njengokuthi iningi lo mama abasuke bezithwele bagcine benenkinga yokungatholi uthando nokulekelelwa ngobaba bezingane futhi iningi labo alinabo abantu elikhuluma nabo ngezinkinga ababhekene nazo, lokho kugcina kubenzabethathe isinqumo sokuthi balahle izingane zabo noma banikele ngazo.
“Kunzima ukuba nomntwana uma ungazi ukuthi unakekelwa kanjani. Ngike ngahlangabezana nentombazane eyayi funa ukunikela ngengane yayo kithina, okubuhlungu wukuthi yayihamba yodwa futhi yayingenaye umngani noma umuntu emethembile engakhuluma nayo mayelana nesinqumo eyasithatha. Ngikhumbula ukuthi yangingcenga ukuthi ngibe seduze kwayo uma isinikela ngomntwana wayo. Ayikho ino ebuhlungu njengokubona umama enikela ngengane yakhe ngenxa yezimo ezithile abhekene nazo.
“I-Open Arms inikela ngothando, ithemba, ukukholwa nokugqugquzela. Asikhethi bala kodwa silekelela bonke omama abadinga usizo. Siluleka omama ngokomqondo odabeni oluphathelene nokukhulelwa, ukunikela ngengane, ukuhushula isisu, ukunakekela ingane nokunye okuphathelene nezidingo zengane.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.