Bathuthukisa amaSiko emphakathini

2018-02-27 06:00

IQEMBU laKwaNyuswa elaziwa nge-Rieco Bird media selizakhele udumo emphakathini wakwaNyuswa namaphethelo ngokuhlela imicimbi eyahlukahlukene yokuthuthukisa amakhono entsha emphakathini.

Leli qembu lisebenza nomphakathi ngezidlela eziningi ezehlukene ikakhulukazi ekuthuthukiseni intsha ngoku gquqguzela amaSiko ayo kanye nangemvelaphi yawo.

Leli qembu likhankase ezikoleni eziningi labona ukuthi izikole azizibandakanyi nezinto eziphathelene namaSiko lokhu kwenze leli thimba lihlale phansi licabange izindlela zokuthuthukisa ama Siko emphakathini.
Ithimba le- Rieco Bird Media libe seliqhamuka nesu lokuhlela umcimbi oba minyaka yonke kusukela ngo-2016 onesiqubulo esithi Nobuhle neGeza Lensizwa.

Lo mcimbi ugqugquzelwa intsha ukuthi izikhandle nokuthi yazi imvelaphi yayo. Okhulumela abe-Rieco Bird Media uMnuz Sbusiso Nzama uthe: “Kuningi okunye esikwenzayo njenge qembu le-Rieco Bird Media konke esikwenzayo sikwenza ngokubambisana nenhlonipho. Kulabo abangenela lo mcimbi ka-Nobuhle neGeza Lensizwa kubhekwa inhlonipho ukwazi imvelaphi yakho kanye nokugqoka kahle ingqephu. Umphakathi nawo ubambe elikhulu iqhaza kuwo lo mcimbi ngoba akukhulunywa nentsha kuphela kodwa nabadala baya bandakanywa ngoba sifunda okuningi kubo.”

Uqhube wathi: “Kusukela ngo-2016 kuya ku-2017 yonke le micimbi iba yimpumelelo futhi nomphakathi usabheke lukhulu kuwona kulo nyaka.

“Sithanda ukugqugquzela wonke umphakathi ikakhulukazi intsha ukuthi bebe yingxenye yomcimbi kulo nyaka. Sihlele ukuthi ube ngoMgqibelo mhla ka-22 kuMandulo [September].

“Kuzobe kuphume nesinedolo kanti nabaculi abazonandisa bazobe bekhone. Sinxusa umphakathi, osomabhizinisi, amabandla ahlukahlukene ukuthi asixhase nganoma yini ukuze umcimbi ube yimpumelelo,” kusho yena.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngomcimbi ka-Nobuhle neGeza Lensizwa thola imininingwane kwikhasi le -Facebook elithi:Nobuhle neGeza Lensizwa noma uxhumane noMnuz Sbusiso Nzama enombolweni ethi:073 911 9912 noma uMnuz Zama Zuma enombolweni ethi:

063 398 9769 noma uthumele umyalezo ngekheli le-email elithi: sbusisonzama396@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.