Bathuthukisa ezemidlalo kwabesifazane KwaNyuswa

2018-03-13 06:00
Iqembu le bhola lezinyawo labesifazane i-Juventuz WFC.Isithombe: sithunyelwe

Iqembu le bhola lezinyawo labesifazane i-Juventuz WFC.Isithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA waKwaNyuswa une phupho lokubona iqembu lakhe lebhola lezinyawo nele-netball likhula usuku nosuku.

UMnuz Bhekokwakhe Nene (30) usungule amaqembu abesifazane lebhola lezinyawo nele-netaball, ngemuva kokubona abesifazane abaningi benothando nentshisekelo kwezemidlalo, kodwa wabona ukuthi lolu thando lwabo lunganakiwe emphakathini.

“Abaningi besifazane bebe nentshisekelo kwezemidlalo, kepha amalungu omphakathi abe nganakile, ikakhulukazi emdlalweni webhola lezi nyawo. Ngisungule lama qembu ngo-2016 ngemva kokubona isidingo seqembu labesifazane kwezemidlalo. Amaqembu ami aqeqeshela ePinetown ngoba iyona ndawo emphakathi nedolobha njengoba iningi laba dlali besuka ezindaweni ezehlukene.”

Uthe okwamanje, amaqembu womabili adlale imidlalo namanye amaqembu amancane emphakathin.

“Iqembu le bhola ngiliqambe ngokuthi yi-Juventuz Women’s Football Club kwathi iqembu le-netball lona ngilibiza nge-Thembelisha Netball Club. Womabili lama qembu adlala namaqembu amancane asuke ezindaweni ezehlukene kubalwa eThekwini, ePinetown naKwaNyuswa.”

Inselelo enkulu ababhekene nayo wukuthi amantombazane amaningi alawulwa yizithandani zawo, okwenza kube nzima ukudlala kahle eqenjini.

Uthe: “Iningi lezi thandani zalabadlali aziwakhuthazi ukuba eqhubeke nokudlala, ikakhulukazi lawo adlala ibhola lezi nyawo. Isikhathi esiningi babatshela ukuthi ibhola lidlalwa ngabesilisa kuphela hhayi abesifazane. Lokhu kwenza kube nzima kithina njengaba qeqeshi ngoba abanye abadlali bagcine sebeyekile, lokho kwenza iqembu lihlakazeke.”

“Kodwa-ke, senza konke okusemandleni ukweluleka amalungu eqembu. Sibatshela ukuthi bangalaleli okubi abakutshelwa abantu kungaba emphakathini, izithandwa zabo noma amalungu omndeni.”

Uqhube wathi enye inkinga ababhekene nayo ukuthola imoto ethutha iqembu uma linemidlalo

Uthe: “Sinenkinga enkulu ngokuthutha iqembu uma linemidlalo. Amantombazane amaningi avela ezindaweni ezikude futhi kwesinye isikhathi awanayo imali yokugibela. Lokho kwenza ukuthi ngigcine ngisebenzisa imali yami ukuze ngizogibelisa labo abaswele.”

Uthe bengajabula uma uMnyango wezeMidlalo uxhasa lama qembu.

“Singathokoza uma umnyango ungasixhasa ngoba siyaludinga uxhaso nokuthi akujwayelekile ukubona iqembu labesifazane nele-netball elisuka ezindaweni ezise makhaya nase lokishini.

“Sidinga umfaniswano weqembu, imishini yokuzivocavoca kanye namateku ebhola. Uma kukhona othanda ukuxhasa lama qembu, samukela noma yiluphi uhlobo lomnikelo.” Uthe uhlela ukumema amantombazane amaningi ukuba ajoyine amaqembu akhe.

“Sihlela ukuba nemidlalo ezikoleni ezehlukene ukuze siqoqe labo abanethalente.” Uma uthanda ukwazi kabanzi nge-Juventuz FC noma iThembelisha NC xhumana noMnuz Bhekokwakhe Nene enombolweni ethi:071 559 4509.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.