Batshala ukudla okunempilo

2016-04-05 06:00
Abe-Sakhokuhle Community Care Centre engadini enezithelo ezinempilo

Abe-Sakhokuhle Community Care Centre engadini enezithelo ezinempilo

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ezimele eyaziwa ngokuthi yi-Sakhokuhle Community Care Centre, enamalungu ayi-12, inhloso yayo okungu kutshala izithelo eziyinhlobonhlobo ukuze belwe nendlala.

Okhulumela le nhlangano, uMnuz John Mdlalose uthe le nhlangano yasungulwa eminyakeni emine eyedlule. “ISakhokuhle Community Care Centre iqale yasebenza ingaka bhaliswa ngokusemthethweni, kodwa manje isemthethweni njenge nhlangano ezimele. Le nhlangano inama lungu ayi-12. Amalungu ale nhlangano abona ukuthi indawo esihlala kuyo ihlaselwe ubuphofu, abantu bayalamba ngenxa yokuthi abasebenzi, ngakho sabona kukuhle ukuthi sisungule le nhlangano siyizaguga,” kusho yena.

Uqhube wathi bacela indawo yokutshala eseduze nase siteshini samaphoyisa aKwaDabeka.

Uthe: “Sabona indawo engasetshenziswa, sakhuluma nabaphathi base maphoyiseni ukuthi sinecebo lokuqala ingadi ezolekelela amakhaya axakekile, ngenhlanhla bavuma ukuthi siyisebenzise le ndawo. Sibuye sitshale kwenye ingadi yesibili eSlovo ku-ward 19, sishintshanisa izinsuku zokusebenzela kuzo zombili izingadi,”kusho uMnuz Mdlalose.

Uthe batshala zonke izitshalo kubalwa i-spinach, uanyanisi, ikabishi, u-beetroot, amazambane, upelepele, u-brinjal, u-lettuce, i-cauliflower no-carrot.

Bathe lezi zithelo banikela ngazo emakhaya axakekekile bese ezinye bezidayise ukuze bandise isikhwama semali.

Uthe: “Imindeni exakekile iyakwazi ukuthola ukudla ngezithelo zethu, ezinye sizihambisa kwi nkulisa ukuthi bephekele izingane, okunye sikuyise emakhaya ethu ukuze nathi sidle nemindeni yethu, ezinye izitshalo siyazi dayise. Lomsebenzi esiwenzayo uyayixosha indlala, yize noma sesigugile kodwa siyaqikelela ukuthi umsebenzi uyaqhubeka ukuze kungahlupheki umphakathi nemindeni yethu,” kusho uMnuz Mdlalose.

Uqhube wathi imali abayitholayo ekudayiseni izitshalo bayisebenzisela ukuthenga imbewu nezithombo enye bayifake ebhange.

Uthe: “Le nhlangano isikhule ngendlela eyisimanga, ngoba baningi abantu esibasizile. Sikhuluma nje sisezinhlelweni zokuxoxisana nekhaya labadala iMuthande Society for the Aged, ukuze sibaxhase ngezithelo,” kusho yena.

Uthe le nhlangano idinga uxhaso ngamathuluzi okusebenza.

“Asinawo amathuluzi enele okusebenza kubalwa amageja amafosholo namabhala. Okunye okusemqoka esikudingayo i-container esizokwazi ukuhlala kuyo uma linetha izulu, ngoba sibanenkinga yokuthi sigoduke uma nje kwaqala imvula. Sidinga ama bhuzu asengadini kanye nezihlalo ngoba sesibadala siphathwa ama qolo kumele sibuye siphumule sihlale phansi,” kusho uMnuz Mdlalose.

Uma kukhona onothando lokuxhasa iSakhokuhle Community Care Centre angashayela uMnuz John Mdlalose enombolweni ethi: 072 113 0458 noma uNkk Elizbeth Vezi enombolweni ethi: 071 269 0483 noma uNkk Agnes Mbambo enombolweni ethi: 073 792 4155.

SABONA INDAWO ENGASETSHENZISWA, SAKHULUMA NABAPHATHI BASE MAPHOYISENI UKUTHI SINECEBO LOKUQALA INGADI EZOLEKELELA AMAKHAYA AXAKEKILE, NGENHLANHLA BAVUMA UKUTHI SIYISEBENZISE LE NDAWO.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

How to open a beer bottle without an opener

Do the right thing and never be thirsty again…

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.