Inhlangano igubha iminyaka eyi-10

2017-12-19 06:00
Isithombe: nosipho mkhizeUmholi we-Yenzanathi Community Upliftment Project uNkk Lydia Hlophe.

Isithombe: nosipho mkhizeUmholi we-Yenzanathi Community Upliftment Project uNkk Lydia Hlophe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU enhlangano eyaziwa ngokuthi yi-Yenzanathi Community Upliftment Project imema wonke amalungu omphakathi ukuba ahlangayele nawo emcimbini yokugubha iminyaka eyi-10 yasungulwa.

Umholi wale nhlangano uNkk Lydia Hlophe uthe lo mcimbi uzobe use hholo lomphakathi elibizwa ngokuthi yi-Qadi Hall ngomhla ka-16 kuZibandlela (December) ngo 10 ekuseni.

Le nhlangano engenzi nzuzo yasungulwa ngo-2007 isungulwa abesimame abahlanu.

Laba besimame badlala indima enkulu emphakathini waKwaNyuswa njengoba bengamalungu e-Tribal Authority ku-ward 103 KwaNyuswa.

Inhloso yale nhlangano ukulekelela umphakathi ontulayo nalabo abadinga usizo nezindlela ezahlukahlukene emphakathini.

Njengamaje le nhlangano igxile kakhulu kwi-project yokunikela ngesobho nesinkwa kubantu abagama- 257 ababhalise ngaphansi kwale nhlangano.
“Umuntu ngamunye uthola isobho nezinkwa ezimbili kanye nge sonto.”

“Sicela umphakathi usixhase ngezipho zokunikelela abesifazane nabesilisa abadinga usizo. Sifisa ukwenza izikhwama ezine zipho [goodie bags]. esikwameni sabesifazane sifisa kube khona ama-pads, amathawula, umuthi wokuxubha amazinyo, isixubho, isiqholo samakwapha [roll-on] nensipho yokugeza. Esikwameni sabesilisa sifisa sibe nesiqholo samakwapha [roll-on], isixubho, umuthi wokuxubha amazinyo, insipho yokugeza nejazi likamkhwenyana [condom]. Konke lokhu kuzonikelwa ngosuku lo mcimbi, ” kusho uNkk Hlophe Uqhube wathi inhloso yalo mcimbi wukuthi begubhe iminyaka eyi-10 kwasungulwa inhlangano bephinde beqwashise abantu ngokuphepha njengoba sekuyisikhathi sokuphela konyaka.
“Umphakathi wamukelekile ukuba uzothamela lo mcimbi. Imali yokungena izo setshenziselwa ukukhulisa isikhwama sale nhlangano njengoba sihlela uhambo loku ngcebeleka ukuze sijabulise amalungu ethu njengoba esebenza kanzima. Sicela umphakathi usixhase ngamaphakathe ka swidi, amakhekhe, iziqholo, izixubho, umuthi wokuxubha, ama-chips, amakinathi, ama-raisins, ama aphula nobanana.”

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngalo mcimbi shayela inombolo ethi: 073 122 2632 noma uthumele ngekheli le email elithi: yenzanathi@yahoo.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.