Inhlangano ikhulekele umphakathi

2018-04-24 06:01
Isithombe: nosipho mkhizeUsihlalo wenhlangano uMnuz A.S Mbanjwa nomsunguli wenhlangano uMfu Ntshangase.

Isithombe: nosipho mkhizeUsihlalo wenhlangano uMnuz A.S Mbanjwa nomsunguli wenhlangano uMfu Ntshangase.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO engenzi nzuzo eyaziwa ngokuthi yi-Enhlanhleni Isibani Sezwe ibe nomcimbi womkhuleko ohlanganise izinhlanagano ezehlukene nomphakathi.

Okhulumela le nhlangano uMfu Ntshangase uthe inhloso yalo mcimbi ukukhulekela konke okubi okwenzeka emhakathini.

Uthe: “Kulo mcimbi sikhulekele inhlupheko esibhekene nayo njenga malungu omphakathi, sakhulekela isifo sesandulela ngculazi, izidakakamizwa ezingekho emthethweni ikakhulukazi iwunga esidle lubi emphakathini, ukuhlukunyezwa kwabesifazane, ukudlwengulwa kwezingane nabesifazane emphakathini kunzima-ke manje ngoba akusadlwengulwa abesimame kuphela kodwa sekuvamile nokudlwengulwa kabafana endaweni.

Kubhlungu kakhulu ukuzwa ukuthi ingane idlwenuglwe ngesikhathi ithunywe esitolo, uzwe kuthiwa ibizwe umakhelwane othi ufuna ukuyithuma kanti ufuna ukufeza izinjongo zakhe ezimbi. Sisanda kuzwa ukuthi kutholakale isidumbu sentombazane khona la endaweni.”

Lo mcimbi ubuthanyelwe amaphoyisa, abahlengikazi, inhlangano engenzi nzuzo iSt Clements Home Based Care, inhlangano yabadala iMuthande Society for the Aged nabefundisi bamabandla ahlukene.

Le nhlangano yasungulwa ngo-2002 emva kokuba uMfu Ntshangase ebone iningi le zingane eziyizi ntandane emphakathini.

Uthe: “Inhlangano yaqala ngamalungu kaSontoskole ngo-2002, kodwa yakhula eminyakeni edlule ngemva kokubona ukuthi iningi lo mphakathi wethu uhlala ngaphansi kwezimo ezimbi.

“Sondla izingane ezingu-126 kodwa kwesinye isikhathi kugcine sekufika nabanye emphakathini sigcine sesisiza abantu abangaphezu kuka-1 000, kubandakanya izingane nabantu abadala.

“Kwesinye isikhathi ezinye izingane azinaso isitifiketi zokuzalwa noma isibonelelo sika hulumeni, ngakho-ke sisebenzisana neminyango kahulumeni eyehlukene ukuze le zingane zibhaliselwe esikoleni bese zithola nemali yesibonelelo sika hulumeni,” kusho yena.

“Iningi la labantwana baphila nesifo sesandulela ngculazi ngakho-ke ama volontiya ale nhlahlano ayazifundisa izingane ngalesi sifo.

“Sinama volontiya afundisa ngalesi sifo nokuthi kungani kumele zidle imishwanguzo yama-ARV. “Abanye babo babengazi ukuthi banalesi sifo ngoba imindeni yabo yayesaba ukubatshela.

“Intsha eningi emphakathini ihlala nogogo nomkhulu bayo, futhi ivame ukusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni. Lentsha ivamise ukuntshontsha emakhaya ukuze yanelise izifiso zayo zokusebenzisa lezi zidakamizwa futhi abanye babo bagcine sebedlwengule izingane emphakathini.

“Konke lokhu inhlangano izama ngokusemandleni ukungenelela iphinde ilekelele labo abadinga usizo ezimweni ezifuze lezi,” kusho yena.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngale nhlangano noma uma uthanda ukuyixhasa shayela

uMfu Ntshangase enombolweni ethi:082 666 0876.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.