Intokazi edume ngezinkondlo

2018-04-03 06:02
isithombe: sithunyelweImbongi uNksz Snegugu Mgobozi.

isithombe: sithunyelweImbongi uNksz Snegugu Mgobozi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTATHELI yephephandaba iFever uNksz Nosipho Mkhize ixhumane nentokazi ebhala izinkondlo uNksz Snegugu Mgobozi ngenhloso yokwazi ngempilo nomsebenzi wakhe wokubhala izinkondlo. Baxoxisene kanje:

NM: UNgubani uSnegugu futhi wenzani?

SM: Igama nginguSnegugu Mgobozi owaziwa ngelika

Mbongikazi kamaVilakazi ohlala eMariannhill eZwelibomvu. Ngenza unyaka wesibili ezifundweni ze-Public Relations Management eNyuvesi yaseZululand futhi ngingumbhali wezinkondlo.

NM: Uqale nini kubhala izinkondlo?

SM: Ngiqale ukubhala izinkondlo ngesikhathi ngisafunda emabangeni aphansi esikoleni esise Mkhomazi okuthiwa iGoli Primary School.

Ngigqugquzeleke kakhulu ekubhaleni izikondlo ngesikhathi ngifunda eMargot Fonteyn Secondary School njengoba ngangenza izifundo ze-dramatic art.

NM: Yikuphi okunye okwenzayo ngaphandle kokubhala izinkondlo?

SM: Njengoba izinkondlo zami zigqugquzela intsha ukuba isikume izimele kukona konke ekwenzayo, lokho sekwenze ngasungula uhlelo lokugqugquzela intsha nomphakathi esiteshini somsakazo iKwezi oludlala ku-90.5 noma ku-107.7 FM njalo ngolwesibili. Ngihlele nomcimbi ngomhla ka-30 kuNhlangulana (June) e-St Lukes Anglican Church, lapho kuzobe kuhlangene izihlwele zizolalela ngomsebenzi wami futhi ngizobe ngihlanganyele nabanye abenza umsebenzi ofana nowami.

NM: Obani osebenza nabo?

SM: Ngisebenzisane noLungi Twinnie Dube wenhlangano i-Think Fresh Consulting emcimbini wama ciko ngonyaka ophelile.

Ngizosebenzisana naye futhi komunye umcimbi ohlelwe ngoMbasa (April).

Ngisebenzisana nenkampani yengqehu iMantsoe Creations ngiphinde ngisebenzisane ne-Binza Information Network ukuhlela umncintiswano wezimbongi ozoba ngomhla ka-26 kuNhlaba (May) lapho kuzobe kuqhudelana izimbongi ezihlukahlukene eThekwini namaphethelo.

NM: Uzibona usufinyelele kuliphi izinga eminyakeni ezayo?

SM: Eminyakeni emibili ezayo ngizibona ngisezingeni eliphakeme kakhulu kwezezinkondlo ngoba sengisungule nenkampani ebhekelela amaciko angakosabalali ngomsebenzi wawo ekuthiwa yi-African Rhythmic Voices Empowerment.

Le nhlangano ibuyise ithemba kulabo abanethalente kwezama ciko nokuthi ibalekelela ekutholeni izindawo lapho bengaveza khona umsebenzi wabo bangagcini sebephelelwe amandla ngoba benganakiwe.

Thina bantu abamnyama sike sithi kukhulumeka kangcono uma ingxoxo uyibhala phansi futhi baningi abalaphekayo emphefumulweni uma befunda noma belalele izinkondlo.

NM: Yiziphi izeluleko ongazinika intsha yaseNingizimu Afrika?

SM: Engingakusho kwintsha wukuthi sebenzisa ithalente lakho, sebenza kanzima isikhathi usenaso. Ziveze esixukwini ngoba akekho oyokumela ngaphandle kwakho uqobo.

NM: Uma umuntu ethanda ukwazi ngomsebenzi wakho, engawutholaphi?

SM: Umsebenzi wami uzotholakala maduze nje kucwecwe phecelezi-CD.

Uma ngabe uthanda ukungiqasha ngizonandisa emcimbini ungashayela inombolo ethi: 061 123 2629 noma ethi: 060 472 9280 noma uthumele umyalezo ngekheli le email elithi: snegugumghobozi@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.