Ithala litshala emakhonweni abafundi

2018-06-19 06:00
Izinkukhu kanye namaqanda okutholwe abafundi e-Briches Pre-Primary e-Pinetown, kanye nesitifikelti sesiliva esiphuma ka-Teach A Man Fish. Abakhombisa ngesitifiketi sabo (kusukela kwesobunxele) u-Shaila Moodley, Seneme Thabethe, Oliver Brown kanye no-Levi Naiker. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Izinkukhu kanye namaqanda okutholwe abafundi e-Briches Pre-Primary e-Pinetown, kanye nesitifikelti sesiliva esiphuma ka-Teach A Man Fish. Abakhombisa ngesitifiketi sabo (kusukela kwesobunxele) u-Shaila Moodley, Seneme Thabethe, Oliver Brown kanye no-Levi Naiker. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMXHASO we-Thala Development Finance Corporation ofakwe emncintiswaneni i-School Enterprise Challenge usulekelele abafundi ababalelwa ku-2 034 ezikoleni ezisemakhaya nezindawo ezingaphandle kwedolobha ukuthi bathole ulwazi olunzulu mayelana namabhizinisi namanye amakhono kule minyaka emithathu edlule.

I-School Enterprise Challenge, okuwuhlelo olwaqalwa yinhlangano ezimele i-Teach A Man To Fish, luwuhlelo oluholwa kakhulu ngabafundi emhlabeni jikelele. Lolu hlelo luxhasa izikole ukuthi ziqale amabhizinisi ukuze kube yiyona ndlela elula yokufundisa abafundi ngezamabhizinisi, bakwazi nokwenza imali eceleni.

EKwaZulu-Natali sekuqeqeshwe othisha abangama-150 ukuthi bakwazi ukusebenzisa izinsiza zalolu hlelo, baphinde baqeqeshwa ngezindlela zokuqhuba lolu hlelo ezikoleni zabo lokho okwenze ukuthi kufundiswe abafundi abaningi ngamakhono abalulekile.

U-Susanna Morcowitz, oyi-South Africa Programmes Manager e-Teach A Man To Fish, uthe: “Usizo lwe-Thala lusize kakhulu ukuthi sikwazi ukuxhumana nezikole eziningi, sakwazi ukuthola enye imali ethe xaxa, u-600 000 euros (noma elinganiselwa ku-R8 million), saphinde sakwazi ukuqinisa nobudlelwano bethu noMnyango wezeMfundo saphinde sakwazi ukwenza kube lula ukubhekana nezidingo zezikole nabantu abasha eNingizimu Afrika naKwaZulu-Natali.”

Inkulumo yeSabelomali sika-2018 iqinisekise ukuthi uhulumeni uzoxhasa amabhizinisi amancane ukuze ezokwazi ukusebenza ngoba lo mkhakha yiwona obonakala udala kakhulu amathuba omsebenzi futhi uneqhaza elikhulu ekuthuthukiseni umnotho.

Ukuthuthukisa intsha ngamakhono ehlukene kwezamabhizinisi nokubhekisisa imithetho ethinta usizo lwezimali entsheni, yikhona obekusequlwini kule nkulumo yesabelomali.

USitandiwe Dimba, iMenenja-Jikelele ebhekele iGama le-Thala, uthe: “Sizibophezele ekuxhaseni ukuthi kufakwe lolu hlelo i-Schol Enterprise Challenge ekufundisweni kwesifundo se-Business Studies ezikoleni ukuze abafundi bezoba namava abalulekile kwezamabhizinisi.”

“Lolu hlelo luhambisana ngqo nezinhlelo zethu zentuthuko futhi luwuhlelo oluhle kakhulu ukuthi sizibandakanye nalo siyiThala. I-School Enterprise Challenge ibe yimpumelelo enkulu ezindaweni zasemakhaya, futhi lolu hlelo selusize kakhulu ekuthuthukiseni abantu ngezamabhizinisi.

“Sikholwa wukuthi sizoba neqhaza elihle ngomuso ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini uma kuziwa kwezomnotho,” kusho uSitandiwe.

U-Morcowitz uthe amathimba angenele lolu hlelo lwezamabhizinisi ayalelwa ukuthi aqhamuke namasu amabhizinisi angaba yimpumelelo futhi afanele leyo ndawo ekhethiwe.

Amathimba aqala ngokuphathwa kwezinsiza bese elandelisa ngokwenza ucwaningo olukhombisa ukuthi ngabe lelo cebo lingaphumelela nokuthi yimaphi amanye angakwazi ukwenzeka ukuze abe yimpumelelo.

Kuvamise ukuthi kube yizitolo ezincane, izingadi zezitshalo nobuciko bezandla.

Okuphawulekayo futhi okuyizibonelo kusukela ngo-2017 okube yimpumelelo singabala i-Liqui Café eyaqalwa ngabafundi abayisishiyagalombili e-Wartberg Kirchdorf School endaweni esemakhaya ngebanga eliwu-30km eMgungundlovu.

Laba afundi babesiza ngeziphuzo ezishisayo ebusika no-ice cream uma kushisa, bakwazi ukwenza inzuzo elinganiselwa ku-R900 ezinyangeni ezine vo.

Ngo-2015 abafundi abenza izifundo zamabhizinisi eZithokozise High School, ngase-Scottburg esiFundeni esisoGwini, baqala i-Happy Dayz Shop, balikhulisa ibhizinisi labo ngokuqala i-Happy Dayz Farm okuyiyo ebiphakela isitolo sabo ngemikhiqizo yezolimo.

Laba bafundi bakwazi ukuzihlomulela ngomklomelo we-Best Business (ibhizinisi elivelele) ngonyaka ka-2016.

“Ngeshwa ipulazi labo laba nenkinga yokufelwa yimfuyo ngo-2017, okwenza ukuthi ibhizinisi labo lingenzi. Phezu kwalokho, laba bafundi baphokophele ukwenza inzuzo nokuwina indondo yesiliva kulo nyaka,” kusho uMorcowitz.

I-LIV School, isikole sezintandane esiseVerulam, eThekwini, sinebhizinisi elidayisa izimpahla zesikhumba nezenziwe ngobuhlalu. Izimpahla zabo zasezihlakaleni ezakhiwe ngobuhlalu, nemigexo yasentanyeni zikwazile ukwenza inzuzo engu-R9 730 ngo-2017.

“Akusikho nje ukwenza inzuzo okubalulekile, kodwa kuningi okungafundwa kula mabhizinisi angaphumeleli noma enza inzuzo encane. I-Teach A Man To Fish igqugquzela kakhulu ukufunda ngaphezu kwakho konke okunye uma umuntu efuna ukuba yingxenye yalolu hlelo lwezikole,” kusho uSitandiwe.

Ngeminye imininingwane, vakashela ku www.myithalastory.com noma ku: www.ithala.co.za noma ushayele inombolo ethi: 031 907 8911.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!

She may only have two legs, but that hasn’t stopped her from gaining thousands of adoring fans!

 

Paws

10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Just 10 cats hanging out in boxes - because they're awesome
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.