Kukhunjulwa abashonela edamini

2018-04-24 06:01
Umhleli womcimbi uMnuz Sibongiseni Mtakwende.isithombe: nosipho mkhize

Umhleli womcimbi uMnuz Sibongiseni Mtakwende.isithombe: nosipho mkhize

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUMENYWA wonke umphakathi waKwaNyuswa kwikhonsathi yomculo wezokholo enesiqubulo esithi Freedom Day Gospel Event ezobe ise Qadi Hall ngo mhla ka-27 kuMbasa (April) ezoqala ngo 10 ekuseni.

Lo mcimbi ugqugquzelwe ilungu lomphakathi uMnuz Sibongiseni Mtakwende noKhansela uMnuz Mthetheleli Sibisi.

UMnuz Mtakwende uthe le khonsathi iyisikhumbuzo salabo abashona ababe ngamalungu e-Percival Shayamoya Gospel Choir.

Uthe: “Amalungu e-Percival Shayamoya Gospel Choir ahamba emhlabeni ngendlela ebuhlungu ngo-1992 ngesikhathi itekisi ababe hamba ngalo likhalakatheka edamini elikhulu iNanda Dam. Ngalelo langa bebe qashelwe ukucula emshadweni owawu seNanda. Bahamba ngoLwesihlanu ebusuku, inkinga yaqala ngesikhathi umshayeli engaboni kahle emgwaqeni kwazise phela ukuthi kudala ezinye izindawo zazingakabi nawo ugesi. Umshayeli wayezitshela ukuthi uhamba emgwaqeni kanti akaboni ukuthi uyokhalakatheka edamini. Kule ngozi kwasinda abantu abathathu kodwa manje sekusele oyedwa futhi ozobe eyingxenye yalo mcimbi.”

“Lo mcimbi uzobe uhanjelwe abantu abaningi kubalwa nesikhulumi sosuku uMnuz Nduduzo Cebekhulu osuka kwiTheku FM, uPastor Sanele Mtshali webandla iRestoration of Hope Ministry International uzobe eshumayela futhi washonelwa umfowabo kule ngozi. Okunye esifuna ukukubalula ngalolu suku ukuthi sigqugquzele intsha ukuthi ivuse ama qembu omculo emphakathini ngoba sibona engathi ayisanakile uma sekuza ngase mculweni. Iningi le ntsha selakhetha ukugxila ezidakamizweni ezingekho emthethweni kanti iningi layo line thalente elimangalisayo,” kusho uMnuz Mtakwende.

Uthe baningi abaculi abazonandisa kulo mcimbi kubalwa iMaranata Gospel Choir, uSbonelo Mqadi, Abangcwele, uSah Mkhize, uSizwe Mbeje, uThembani Zondi, uMluh Gasa, iNyuswa Home Boys, uMajalizah, uPhindi iJoni Labantu, uXolani Thabethe, uSanele Goba, uKhosah Radebe, uPhilani Ngcobo, uBongani Mchunu, Amahlonzevuma, uZamo Hlomuka neMabedlane Youth Choir.

Ngalolu suku uMnuz Mtakwende uzo shicilela i-album yakhe yesibili enesihloko esithi Isambulo.

“Ngingumuntu owuthandayo umculo wokholo. I-album yami yokuqala ngayenza ngo-2014 enesihloko esithi Wongithwala Mhlobo Wami . Ngiqale ukucula ngo-2012 ngoba isikhathi esiningi bengigxile kuma-project ezinhlangano ezingenzi nzuzo eMgungundlovu.” “Okwamanje ngimatasa nohlelo lokuthuthukisa amakhono entsheni yaKwaNyuswa ngaphansi kwenhlangano eyaziwa ngokuthi yi-Emakhaya Arts and Craft, njengoba ngiyifundisa ukwenza umsebenzi wezandla. Ngibafundisa ukwakha izimbali ngezamblela [umbrellas] ezindala.

Ngifuna intsha ikwazi ukuzimela ibe nento ezoziqhenya ngayo. Ngizama ukugwema ukuthi ingabi wuvanzi emgaqweni.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngomcimbi we-Freedom Day Gospel Event xhumana no Sibongiseni Mtakwende enombolweni ethi: 072 03 2202 noma ethi:081 714 9561 noma uthumele ngekheli le email elithi: mthetheleli.sibisi@durban.gov.za

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.