Othisha bafunde ngokunakekela isikhumba

2017-12-12 06:01
PHOTO: suppliedIsekela lika Thishanhloko uMnuz Moses Shishaba emukela uxhasho lwe-first aid kit oluvela kwabakwa-Vaseline®.

PHOTO: suppliedIsekela lika Thishanhloko uMnuz Moses Shishaba emukela uxhasho lwe-first aid kit oluvela kwabakwa-Vaseline®.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INKAMPANI eyaziwa eNingizimu Afrika yonke i-Vaseline® ivakashele imitholampilo nezikole ezingu-100 emiphakathini eyehlukene, ifundisa abazali, othisha nabasebenzi ngokunakekela isikhumba.

UDumo Primary School eClermont ibe ngezinye zezikole ezivakashelwe yile nkampani lapho kufundiswe khona othisha ngokunakekela isikhumba sabo baphinde baxhaswa nge-First Aid Kit phecelezi isikhwama esinezimfanelo ezidingekayo ngokuphuthuma uma umuntu elimele.

Lo mkhankaso uyingxenye ye-project ye-Vaseline®, lapho le nkampani izibophezele khona ukuthuthukisa ukunakekelwa kwesikhumba kubantu baseNingizimu Afrika.

ENingizimu Afrika kuyi mvelakancane ukuthola ukunakekelwa kwesikhumba okusezingeni eliphezulu, njengoba kuno dokotela wesikhumba oyedwa kubantu abangu-270 000.

Ngenyanga kaNcwaba (August), i-Vaseline® yahlangana nezitolo ezikhethiwe zakwa-Spar ukuze kutholwe imali yokufundiswa abantu ngokunakekelwa kwesikhumba emiphakathini eyehlukene.

Ngomkhiqizo we-Vaseline® ngamunye owawuthengwa ezitolo zakwa-Spar ezingu-200, u-R1 wawunikelwa kuyo le-project.

Lokhu kuye kwavumela i-Vaseline® ukuba iqeqeshe abasebenzi abangama-266 ngezifo zesikhumba nokunakekela isikhumba bese labo basebenzi badlulisele abakufundile emphakathini, ezikoleni nasemtholampilo.

Okhulumela inkampani yakwa-Unilever uSphelele Mjadu Uthe: “I-Vaseline® ikholelwa ukuthi imikhankaso efundisa abantu ngokunakekelwa kwesikhumba ingasiza ekuvikeleni izinkinga abantu ababhekana nazo ngezifo eziphathelene nesikhumba. Sesiside isikhathi lapho iVaseline® Blueseal isetshenziswa abantu yingakho sikholelwa ekutheni uma uyisebenzisa zinsuku zonke ingaholela ekutheni umuntu abe nesikhumba esihle futhi esinempilo.”

Abakwa-Vaseline® bafundise othisa base-Dumo Primary School ngokunakekelwa kwesikhumba bathi:

“Ngemva kokugeza kumele ugcobe umzimba wonke. Kumele ugeze ekuseni nase busuku. Ukugeza kususa amafutha esikhumbeni yingakho kubalulekile ukuthi ugcobe umzimba wakho njalo uma uqeda ukugeza.

Gcoba isikhumba uma sishiswe yilanga. Umoya, ukungcola noma insipho enamandla kakhulu kwenza umuntu abe nesikhumba esomile futhi sishoshozele.”

“Kubalulekile ukuba umuntu ageze emva kokuzi voca voca bese eya gcoba umzimba wonke ukuze isikhumba singomi.

Sebenzisa i-Vaseline® Blueseal ukuze unakekele isikhumba futhi usivikele ngemva kokuba uzwe sishoshozela noma ulimele kancane.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.