Sibhalele udaba lwakho silushicilele kwi-Hillcrest Fever Uma kukhona udaba othanda silushicilele sithumele i-sms enombolweni ethi:074 209 5642 nendawo lapho ohlala khona ukuze sizozifikela mathupha.

2016-08-02 06:00

SITHANDA ukumema abafundi baleli phephandaba iFEVER ukuba basibhalele ngokwenzakalayo ezindaweni abahlala kuzo.

Ithimba leFEVER lizimisele ukuba lifike mathupha ukuzobhala lolo daba umfundi acabanga ukuthi likufanele ukushicilelwa kuleli phephandaba.

IFEVER ishicilelela noma yiziphi izindaba zomphakathi kubalwa izindaba zase mabandleni, ezobugebengu emphakathini, izinhlangano nemikhankaso yemiphakathi, abantu abenza umehluko emphakathini nabantu abanamathalente athile empilweni.

Ningakhohlwa bafundi ukuthi sitholakala nakwi-facebook lapho ngisho nomuntu obengalitholi leliphephandaba ezindaweni esizibhalelayo uzokwazi ukulifunda noma ngabe ukuphi.

Ikhasi lethu le-facebook lithi: Hillcrest Fever. Leli khasi le-facebook lenziwe ngokucophelela, ngocwepheshe bezama-computer abenza kubelula ukuthi wonke amalungu omphakathi akwazi ukufunda izindaba esizibhalayo.

Leli phephandaba ligunyaza umphakathi ukuthi ubhale izindaba ofisa ziphume kwiphephandaba ngale kokulinda intatheli.

Ngakho ke mfundi siyakumema ukuba ube yingxenye yawo wonke ama-facebook editions ethu, lokhu kuzoqinisa ubudlelwane beFEVER nomphakathi jikelele.

Awuke uzame ukuthi ungene kuleli khasi le-facebook, ubone esinethulela kona. Konke kusezandleni zenu bafundi bethu abathandekayo. Xhumana nathi enombolweni ethi:073 154 4117.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.