Ube yimpumelelo umcimbi wezinkondlo

2018-04-17 06:01
UMNUZ lethi Nkwanyana enza adume ngazo esteji.

UMNUZ lethi Nkwanyana enza adume ngazo esteji.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories


Umhayi
wezinkodlo osafufusa uLethu Nkwanyane ngokubambisana nehlangano eyaziwa ngokuthi KwaDukuza Youth Ministries babe nomcimbi wezinkondlo obizwa nge let the Poet speak ngomhla ka-17 kuNdasa eOpen doors Barack Centre.

UMnuz Nkwanyana uvele wazidela ngale kwezinqinamba wahlela lo mcimbi wezinkondlo obunesihloko esithi “let the poet speak” nebeyihlele nje emasontweni amabili kuphela kodwa wakwazi ukugcwalisa lendawo ngezihlwele.

Le mbongi ithe indawo ibigcwele abathandi bezinkondlo kubalwa nabefundisi bamasonto ahlukahlukene.

Uthe: “Okuqhakambile ngalo mcimbi yilapho sihaye khona inkondlo yothando ngokubambisana no Nandile Dube ebizwa ngokuthi “Kind of Love,” kubeka uMnuz Nkwanyana.

Kulo mcimbi bekukhona uLondiwe Cele wodumo oculela iJoyous Celebration owaziwa ngengoma ethi “Uyalalewa”.

“Ezezinkondlo zisafufusa kanti ngingomunye wabantu abafuna zindlondlobale koda lokho kungafezwa ngosizo noxhaso lomphakathi njengoba kunezinqinamba zezezimali kungakuhle nokuthi uhulumeni angenelele okungu myango wezama ciko,” kuqhuba uMnuz Nkwanyana

Leli ciko liphinde lathembiisa ukwenza omunye umcimbi maduze nje kanti abafuna kuxhumana naye utholakala ezinkundleni zokuxhumana ekhasini lakhe le Facebook noma enombolweni ethi: 062 754 9915.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.