Ubeka uNkulunkulu phambili emculweni

2018-02-20 06:00
UMnuz Joe Ndlovu ongumculi wokholo

UMnuz Joe Ndlovu ongumculi wokholo

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA ozinze endaweni eyaziwa ngokuthi ise-Summerveld uMnuz Joe Ndlovu oneminyaka engama-26 ubudala uthi unikele impilo yakhe kuNkulunkulu futhi uzoqhubeka ukushumayela iVangeli ngomculo wokholo.

Lo mlisa uthi umculo uqale ukuwuthanda kusukela esemncane eneminyaka eyi-11 ubudala, kodwa ngaleso sikhathi wayethanda umculo owaziwa ngokuthi yisicathamiya.

“Ukucula ngikuthande ngisawumfanayana ngize ngaba yingxenye ye-choir yase bandleni. Ngokuhamba kwesikhathi ngijoyine ithimba labaculi esikoleni.”

Uthe ngo-2013 yilapho abona khona impilo yakhe emculweni ishintsha ngedlela eyisimangaliso ngoba waba nothando lokucula umculo wokholo.

“Ngonyaka ka-2013, ngabanothando lokucula umculo wokholo lolu thando lwangenza ngaze ngaqopha ucwecwe olunesihloko esithi: Leli Vangeli ngo-2014 eline zingoma zokholo. Kwaba kuhle kakhulu ngoba ngakwazi ukudayisa ama-copy angama-500,” kusho yena.

Le nsizwa ithe iyagqugquzeleka uma ibona abaculi bokholo abadumile becula izingoma zabo.
“Ngibukela kakhulu kubaculi abafana no Dkt Rebbeca Malope oyindlovukazi yomculo wokholo, nabanye kubalwa uLundi Tyamara noVuyo Mokoena.”

UMnuz Ndlovu ubeyi ngxenye yemcimbi emkhulu eNingizimu Afrika ngaphambilini.
“Kuningi engingathi ngiziqhenya ngakho engibe yingxenye yakho selokhu ngaqala le ndima yomculo. Ngicule ezindaweni eziningi kubalwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre [ICC], eCity Hill Church, ohlelweni olaziwa ngokuthi yi-eTV Sunrise nase bandleni i-Umlazi Ark Fellowship.”

uMnuz Ndlovu uthe kuningi afisa ukukwenza ngethalente lakhe lokucula njengoku fundisa intsha ngomculo wokholo nokuthi ikwazi ukuqhakambisa amathalente ayo emphakathini.

“Ngiyazi ukuthi iningi intsha enethalente lokucula yingakho ngifisa ukuyiqeqesha ukuthi ibe ngabaculi bomculo wokholo.

Iningi lentsha alazi nokuthi kumele liqalephi uma lifuna ukuqhakambisa ithalente layo yingakho ngifisa ukuthi ngiyisiza.

Lokhu futhi kungezinye zezindlela zokuthi intsha ingabi wuvanzi emgwaqeni,” kusho yena.

“Leli thalente ngaliphiwa wuNkulunkulu ngabe nginephutha uma ngingalivezi emphakathini naseNingizimu Afrika.

Ngifisa intsha ikwazi ukushumayela izwi lika Nkulunkulu ngoba yilona elisiphilisayo.”
“Umculo unamandla futhi ukwazi ukupholisa umphefumulo oxakekile. Umculo ulekelela ekuzwakaliseni uthando, uxolo nobubele.”

Uthe ubonga abazali bakhe kukona konke akwenzayo ngoba bebemgqugquzela ngaso sonke isikhathi.

“Abazali bami bangifundise okuningi empilweni njengo kuziphatha ngendlela efanelekileyo, kukona konke engiyikho ngibonga abazali bami. Ngibonga nesipho sempilo nokungiseka ngaso sonke isikhathi, ngila engikhona namhlanje ingenxa yeziyalo zabo.”

Uthe umyalezo awushiya nentsha yaseNingizimu Afrika wukuthi kukona konke ekwenzayo kumele ibeke imfundo phambili bese okunye kuyalandela.

“Ngihlale ngiyitshela intsha ukuthi ingapheli amandla ngasekufundeni futhi kumele ingadlali ngekusasa layo.

Impumelelo uyithola uma ubekezela futhi uma uzimisela.
Okubalulekile ukuthi ungakhohlwa uNkulunkulu ezwintweni zonke,”
kusho yena.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngoMnuz Joe Ndlovu noma uma uthanda ukuzwa umculo wakhe noma ufuna ukungenela amakilasi akhe omculo shayela inombolo ethi: 078 298 8275.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.