Ucela usizo odilikelwa yindlu

2016-09-20 06:00
UNks Bongekile Mkhize ocela ukulekelelwa ekwakheni kabusha indlu yakhe. isithombe: nosipho mkhize

UNks Bongekile Mkhize ocela ukulekelelwa ekwakheni kabusha indlu yakhe. isithombe: nosipho mkhize

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIMAME waKwaNqetho uNks Bongekile Mkhize (55), ucela usizo kosomabhizinisi nezinhlangano zomphakathi ukuba zimulekelele ekwakheni idlu yakhe esiqala ukudilika. UNks Mkhize waye sebenza emakhishini kodwa walahlekelwa umsebenzi emva kokuba abaphathi bakhe bethuthe baya phesheya.
Uthe: “Ngiyeke ukusebenza ngo-2010 emva kokuba kuhambe abaphathi bami. Impilo iqale lapho ukubanzima ngoba bengibamba amatoho esikhashana. Ngiphoqeleke ukuthi ngidayise oswidi nama-chips ngoba ngifuna ukuthi ngibe nesinkwa ekhaya.

“Okwenza kube nzima kakhulu wukuthi ngihlala nabantwana bami naba dadewethu owashona ngo-2002. Impilo inzima ngoba angisebenzi nabo ngokunjalo. Lendlu ngayakha ngodaka eminyakeni eyi-10 eyedlule. Uma linetha kungena imvule futhi iyaqhekeka.
“Ngize ngisabe nokulala ngoba kungenzeka iwele phezu kwethu sisalele. Sengibhalele emisakazweni eminingi bathi angiye kwaMasipala ngiyo bhalisela umxhaso nakhona ngazama kodwa kwagcina kuphelele emoyeni.
“Ngicela uMsamariya olungileyo angilekelele ngakhe indlu ukuze ngihlale ngokuthula nabanatwana.”

Uma uthanda ukulekelela uNks Bongekile Mkhize shayela inombolo ethi: 072 575 9490 noma ethi: 061 710 4368.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.