Udumisa uNkulunkulu ngomculo wokholo

2018-06-26 06:01
USandile Zwane ocula umculo wokholo.Isithombe: sithunyelwe

USandile Zwane ocula umculo wokholo.Isithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTATHELI yephephandaba iFever uNksz Nosipho Mkhize ihlangane noMnuz Sandile Zwane ongumculi wezokholo othe akukho okungamhlukanisa nothando lwakhe lo mculo.

NM [Nosipho Mkhize]: Ungubani uSandile Zwane futhi wenzani?

SZ [Sandile Zwane]: Igama lami uSandile Zwane owaziwa ngelika ‘Legend’, ngingumculi wokholo futhi ngingumbali womculo wokholo. Ngiyilungu le qembu i-Ethekwini Gospel Choir (EGC) ngaziwa kakhulu ngeculo elithi uDumo elaqoshwa bukhoma neqembu i-EGC ePlayhouse eThekwini ngo-2016. Ngike ngashiyelana inkundla nabaculi abaningi kubalwa uSgwili, uDumi Mkokstad, uMalusi Mbokazi, uAyanda Shange, uDavid Dee kanye nabanye.

NM: Uqale nini ukucula?

SZ: Ngaqala ukucula ngo-2009, ngasungula iqembu lomphakathi elibizwa nge-V.O.G, ngabuye ngasiza isikole iSobonakhona High School ngomculo. Ngo-2015 ngangenela ama-auditions e-Joyous celebration kanye nawe Clash of the Choirs ngaba ngomunye owakhethwa. Ngibe sengithathwa kwi-Ethekwini Gospel Choir ngesikhathi kujaja uNtokozo Ngongoma, uSgwili Zuma noPhilile Chonco.

NM: Uzibona ukuliphi izinga eminyakeni ezayo?

SZ: Eminyakeni ezayo ngizibona ngingumculi osezingeni eliphezulu kuleli, odumisa kwehle amaZulu mhla ngiqopha icwecwe ne-DVD bukhoma. Ngifisa ukusebenzisa nabaculi abaphezulu kubalwa uMfu Benjamin Dube, uNqubeko Mbatha, uDavid Dee kanye nabanye. Emphakathini engisuka kuwo bangibona ngiwumfana osemncane okholelwa kakhulu kuNkulunkulu, ose size kakhulu intsha emphakathini ngomculo wokholo.

NM: Usebenzisane nobani kulo mkhakha womculo?

SZ: Ngisebenzisane noNtokozo Ngongoma ongumsunguli we-Ethekwini Gospel Choir kanye noNeli Ngongoma ongumsakazi we-DivineTouch Radio FM futhi bangisize ekukhuliseni umculo wami, njengoba ngikwazi ukuzimela noma ngingakaphumi kwi-EGC ngokuphelele.

NM: Ikhona imicimbi oyihlelile kulo nyaka?

SZ: Ngizoba nomcimbi ohlelwe yimi ngomhla ka-7 kuNhlangulana [July] onesiqubulo esithi Gospel Concert with SandileZwane ozobe usoFolweni e-AFM VCC emini. Kulo mcimbi kuzobe kukhona uSanele Mtolo, uSphaM, uThamsanqa Mathonsi owaziwa kuma Idols, Imbongikazi kamaVilakazi, uNtokozo Ngongoma kanye nabanye. Bonke laba sengisebenze nabo futhi namanje ngisasebenzisana nabo, njengoba ngizoshicilela i-single ngo-August.

NM: Uma ungase udlulisele umyalezo kubantu abathanda ukucula umculo wokholi, ungathini?

SZ: Kumina kwenzekile kanti nakwabanye kusengenzeka, njenge ntsha uma sikholwa kuNkulunkulu konke kuyenzeka, sizophumelela. Asigxile kumakhono ethu siyeke okungalungile njenge zindakamizwa. Sisebenze kanzima.

NM: Uma abantu bethanda ukwazi kabanzi ngawe utholakala kuphi?

SZ: Umathanda ukwazi kabanzi ngami noma nge-single yami ungangena ekhasini lami ku-Facebook elithi : Sandile ZwaneSA noma ku Twitter elithi: @LegendZwaneSA noma ku-Instagram elithi: @SandileZwaneSA.

Uma uthanda ukungiqasha emicimbini eyahlukene ungashayela inombolo ethi: 078 711 4042 noma uthumele umyalezo ngekheli le email elithi: Sandile6.vog@gmail

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!

She may only have two legs, but that hasn’t stopped her from gaining thousands of adoring fans!

 

Paws

10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Just 10 cats hanging out in boxes - because they're awesome
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.