Ufisa ukuxhaswa ngendawo yokutshala

2016-01-19 06:00
Isithombe: nosipho mkhize UMnuz Phumlile Msizazawe onothando lokutshala izimbali onxusa ukuxhaswa ngendawo yokutshala.

Isithombe: nosipho mkhize UMnuz Phumlile Msizazawe onothando lokutshala izimbali onxusa ukuxhaswa ngendawo yokutshala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMLISA onesiphiwo sokutshala izimbali uMnuz Phumlile Msizazwe oneminyaka engama-39 ubudala odabuka e-Eastern Cape uthe unxusa umphakathi osomabhizini nezinhlangano ezahlukene ukuba zimxhase ngendawo yokutshala izimbali phecelezi i-flower nursery.

Lo mlisa uthe uthando lwakhe lokutshala izimbali lwaqala ngo-2006. “Ngesikhathi ngiqala ukutshala izimbali ngangisebenza e-Westville engadini, ngase ngabona ukuthi nginethalente ekutshaleni izimbali ngaqala ingadi ekhaya enezimbali engizidayisela umphakathi.”

“Isifiso sami ukuthi kube khona umSamariya olungileyo onganikela ngendawo lapho ngizokwazi ukuqhuba lomsebenzi futhi ngidayisele khona ngipihinde ngifundise nentsha ukutshala izimbali,” kusho yena.

Uthe ingqinamba abhekene nawo wukuthi kunzima ukuthutha izimbali aziyise edolobheni lase-Pinetown ngoba kumele eqe umfula uma ezithutha.

Uthe “Indawo engihlala kuyo ayiyinhle neze ngenxa yokuthi ngaso sonke isikhathi kumele ngeqe umfula uma sengithutha izimbali. Njemanje ngidayisela eceleni komgwaqo ose-Pinetown futhi esikhathini esiningi kuba nzima uma izulu linetha ngoba anginayo umpheme wokukhosela ngakho ngivele ngihlale ekhaya ngingadayisi kuze kudlule isomo esibi sezulu. Yingakho ngibhalele abe-Fever ukuze ngicele usizo lokunikelelwa ngedawo.”

Uqhube wathi izimbali zimenza ahlezi ejabulile.

“Izimbali ziyimvelo enhle eqakazisa umhlaba wonke ngoba imbali iyakwazi ukushintsha isimo esibi umuntu asuke esizwa ngaleso sikhathi. Izimbali zenza ikhaya liqhakaze kahle futhi zenza nengadi iqhakaze. Kunezi nhlobo eziningi zezimbali,” kusho uMnuz Msizazwe.

Uthe imbali ayithanda ngakhulu ibizwa ngokuthi yi-Variegated Hibiscus.

Uthe: “Le mbali ihlezi iqhakazile noma ngabe wubusika noma yihlobo futhi inemibala emihle eyenza kube kuhle engadini. Uma sengiyitholile indawo engizosebenzela kuyo isifiso sami wukuthi ngifundise intsha ngokutshala izimbali eziyinhlobo nhlobo.”

Uma kukhona othanda ukwazi kabanzi ngezimbali noma othanda ukuxhasa uMnuz Phumlile Msizazawe engashayela inombolo ethi: 073 154 8710.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.