Ugqugquzelaintshangokufunda

2018-05-22 06:00
UNks Thandeka Mbatha osebenza kumtapowolwazi.Isithombe:nosipho mkhize

UNks Thandeka Mbatha osebenza kumtapowolwazi.Isithombe:nosipho mkhize

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“KUBALULEKILE ukuthi abantu bakwazi ukufunda izincwadi” lawa ngamazwi ka Nks Thandeka Mbatha osebenza kumtapowolwazi othe ukusebenza kumtapowolwazi kumenze wafunda okuningi empilweni.

Intatheli ye-Fever uNksz Nosipho Mkhize uxhumane noNks Mbatha ukuze ethole kabanzi ngomsebenzi wakhe.

NM [NOSIPHO MKHIZE]: UNks Thandeka ungubani futhi usukaphi?

TM [THANDEKA MBATHA]: Ngazalelwa eBergville, endaweni okuthiwa yiseWoldford. Ngesikhathi ngisakhula ngangithanda isikole nokucula.
Ngangingathandi ukudlala kakhulu nabanye abantwana kodwa ngangikujabulela ukubukela umabonakude nokufunda izincwadi engangiziphathelwa umama wami ngesikhathi esebenza esikoleni samabanga aphansi iWoldford.

NM: Uqale nini ukusebenza kumtapowolwazi?

TM: Ngiqale ukusebenza kumtapowolwazi ngemuva kokuthola i-B-Tech ngaphansi kwezifundo ze-Library eNyuvesi i-Durban University of Technology eyaziwa ngokuthi yi-DUT.

Ngaqala njengomuntu obhekelela izincwadi zokuhweba nasekutshalweni kwezimali, bese ngadlulela kumtapowolwazi obhekelela izincwadi zokwelapha ngesilungu [medicine].

Lemitapoyolwazi yombhili idlale indima enkulu empilweni yami. Ngo 2012 ngisebenze kumtapowolwazi oseThekwini ngaphansi kukaMasipala, lapho bengisebenza njengomsizi womtapowolwazi.

NM: Ngesikhathi ukhula wawufuna ukusebenza kumtapowolwazi?

TM: Angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyosebenza kumtapowolwazi. Ngesikhathi ngikhula ngangifuna ukuba uthisha, noma kunjalo-ke izinto zajika sengikhulile ngabona sengingena emkhakheni womtapowolwazi futhi angizisoli ngalokho ngoba kuyangijabulisa.
Ngisebenza nemiphakathi eyahlukahlukene njengona ngibasiza bathole ulwazi abaludingayo.

NM: Yiziphi izinselelo oke wabhekana nazo emsebenzini owenzayo?

TM: Angikaze ngibhekane nezinselele kulo msebenzi kodwa ngiyajabula ukubona ushintsho olukhona kumtapowolwazi uma uqhathanisa naphambilini ingakabibikho intuthuko.

Lokhu ngikusho ngoba imitapoyolwazi manje isinobuchwepheshe bezinhloso zocwaningo [technologies] kanye ne-Wifi eyenza kube lula ukuthi amalungu asebenzisa imitapo yolwazi, bekwazi ukucwaninga besebenzisa i-internet.
Imitapoyolwazi iphinde idlale indima ebalulekile ekwenzeni izinhlelo zemfundo zomphakathi futhi ikhuthaza ukuhlangana nokuzwana komphakathi ezizweni ezahlukene.

NM: Yikuphi umuntu amele akwenze uma efuna ukuphumelela kulo msebenzi?

TM: Ukufunda kubaluleke kakhulu. Angikaze ngiye esikoleni sezinhlanga ezahlukene, kepha ngokufunda izincwadi ngikwazile ukuthi ngifinyelele kokuningi.
Ukufunda izincwadi kuyasiza ekuthuthukiseni ilwimi, nokukwazi ukukhuluma ngokushelela nokusiza amalungu omphakathi ngabakudingayo kumtapowolwazi.

NM: Ngicela ungitshele ngokubaluleka kokufunda?

TM: Ukufunda kufanele kukhuthazwe ngesikhathi umntwana esakhula ngoba kusiza izingane ukuba zakhe isisekelo solimi oluqinile futhi zithuthukise amagama abo okufunda.
Sihlezi sitshela izingane ezisebenzisa umtapowolwazi ngokubaluleka kokufunda izincdwadi ngoba lokho kuzobasiza uma sebekhulile noma uma sekumele bafunde izincwadi esikoleni.

Sinezinhleo eziningi khona kumtapowolwazi lapho sifundisa khona abantwana ukufunda izincwadi okuyindlela yokubalekelela ekutheni bekwazi ukufunda.

NM: Yikuphi okwenza emsebenzini njalo ngosuku?

TM: Kunemisebenzi eminingi engiyenza zinsuku zonke - kusukela ekusizeni umphakathi osuke uvakashele kumtapowolwazi, ukwenza ama-reports osuku, ukuhlela izinhlelo ezibakhona kumtapowolwazi nokuba nemihlangano nozakwethu esisebenza nabo.

NM: Isiphi iseluleko ongathanda ukusidlulisela entsheni?

TM: Ngingathanda ukweluleka intsha ngokuthi ivakashele imitapoyolwazi esondelene nase makhaya ayo. Kumele ibe amalungu omtapowolwazi futhi ithole kabanzi mayelana nezinsizakalo ezitholakala kuyo ngoba kuningi engakuzuza ngalokho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.