Ujabulisa abalandeli ngomculo wakhe

2018-07-24 06:01
UNhlanhla Mnyango ‘Prince Beatz’ unesifiso sokukhulisa mculo wakhe alekelele nabanye abaculi.ISITHOMBE: sithunyelwe

UNhlanhla Mnyango ‘Prince Beatz’ unesifiso sokukhulisa mculo wakhe alekelele nabanye abaculi.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTATHELI yephephandaba iFever uNksz Nosipho Mkhize, ihlangane nomculi uNhlanhla Mnyango odume ngelika ‘Dj PrinceBeatz’ waxoxisana kabanzi ngomculo nempilo yakhe.

NM [Nosipho Mkhize]: Ungubani uNhlahla futhi wenzani?

PB [Prince Beatz]: Igama lami ngingu Nhlanhla Mnyango kodwa engilisebenzisa uma nginandisa u-PrinceBeatz.

Ngihlala ePinetown okuyindawo lapho ngixhumana khona nabantu abaningi emsebenzini engiwenzayo ngiphinde ngihlale endaweni ebizwa ngokuthi yiseMachobeni eNanda.

Umculo ngiwuqale ngonyaka ka-2012, futhi into eyangenza ngaba nothando lo mculo wukuthi umculo uyindlela elula yokudlulisa umyalezo ebantwini ngendlela ofisa ngayo.

NM: Uzibona ukuliphi izinga emnyakeni ezayo kwezomculo?

PB: Eminyakeni emibili ezayo ngizibona ngisungula inkampani yokuqophela abaculi izingoma, ezokwazi ukusiza abaculi abaningi abanganakiwe emkhakheni wezomculo.

Esikhathini esiningi umsebenzi wami uyakwazi ukusiza intsha enesifiso sokwenza umculo ngokuthi ngiwuqophe e-studio sami futhi nalabo abangenawo amandla okukhokha ngiyawazi ukubasiza uma nje ngibona ukuthi lowo mculi uzimisele ngomsebenzi wakhe.

NM: Usebenzisana nobani kulo mkhakha?

PB: Ngisebenzisana nabo bonke abaculi abangaphansi kwenkampani eyaziwa ngokuthi yi-Major Moves Records ne-D04 Production.

Kulo nyaka ngizothulela abalandeli bami i-EP [extended player album] ezoba yi-double genre lokho kusho ukuthi izoba nomculo wohlobo lwe-Trap ne-Boom Bap. Kanti bengalindela ingoma yami nomunye wabaculi owaziwa ngelika Chilli Bite nenye engiyenze noSfiso On The Keys ongumfowabo kasaziwayo uMlindo The Vocalist.

NM: Yisiphi iseluleko ongasinika intsha yase Ningizimu Afrika?

PB: Engingakusho ukuthi intsha ayingagxili kakhulu ezidakamizweni ezingekho emthethweni ngoba lokho kuzokwenza ukuthi ikhohlwe ikusasa layo eliqhakazile.

Imfundo nokuziphatha ngendlela efanelekile kubalulekile ukuze abantu bezo kubona ubukhona bakho bekuthokozele.

Intsha kumele ijabulele ukuba yisibonelo esihle emphakathini, kubalulekile futhi ukuthi ihloniphe abantu nalabo abawulandelayo umculo wakho ngoba yibona abakunika ithemba nokuphumelela.

Ukubekezela kuzala impumelelo, uma uwuthanda umculo uyabekezela ngeke uphumelele ngeskhathi osithandayo. Ukuze ubengcono empilweni akudingi ukuthi uze uphumelele emculweni kodwa ungazenzela imali ngomculo wakho noma kuthiwa awukaphumeleli.

NM: Uma abantu bethanda ukwazi kabanzi ngawe bengakutholaphi?

PB: Umculo wami utholakala ku-WhatsApp enombolweni ethi: 076 186 5287 noma kwikhasi lami enkundleni yezokuxhumana i-Facebook elithi: PrinceBeatz noma elithi: Nhlanhla PrinceBeatz Mnyango, abantu bengathumela umyalezo kwikheli le email elithi: PrinceBeatz.sa@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.