Umcimbi wabathandi bezincwadi ube yimpumelelo

2017-02-14 06:01
Umbhali wencwadi ‘Perfect Mess, Perfect Grace uNksz Nobuntu Websterisithombe: sithunyelwe

Umbhali wencwadi ‘Perfect Mess, Perfect Grace uNksz Nobuntu Websterisithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories


USOMABHIZINISI ophinde abe ngumbali uNkk Nobuntu Webster ube nomcimbi eSayidi ngempelasonto lapho ebethula khona incwadi yakhe yokuqala ebizwa ngokuthi yi-Perfect Mess, Perfect Grace.

Kulo mcimbi uNkk Webster ukhulume kabanzi ngokubhala kwakhe le ncwadi waphinde wachazele abantu ukuthi kungani kumele beyifunde.

Okhulumela uNkk Webster, uNksz Rita Nako uthe uNkk Webster waziwa ngokuthola imiklomelo eminingi okubalwa kuyo neye-Business neye-Cosmopolitan Magazine Women Achiever.

“UNkk Webster waye ngumethuli we-Think Big S.A okwaku wuhlelo olaludlala kwi-Sabc 3.
Unentshisekelo nothando loku dingida izindaba ezithinta abantu base Ningizimu Afrika,” kusho uNksz Nako.

Abebe thamele lo mcimbi balulekwe ngokuningi okumayelana nokubhala nokushicilelwa kwezincwadi.

“Kungenzeka ukuthi uhleli ekhaya nodaba ofisa ukulushicilela emphakathini, kodwa inkinga awazi ukuthi yimiphi iminyango okumele uxhumane nayo, lo mcimbi unike abantu zonke lezo zimpendulo. Lo mcimbi wencwadi i-Perfect Mess Perfect Grace ubuhlose ukubuyisela ithemba kulabo ababona izimpilo zabo zingenayo inqubekela phambili, abantu abalahle ithemba, nalabo asebe shabalalelwe amaphupho,” kusho uNksz Nako.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngencwadi i-Perfect Mess, Perfect Grace shayela inombolo ethi: 078 811 9064.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.