Umcimbi wamaSiko ube yimpumelelo

2016-10-04 06:00
IQembu laKwaNyuswa elaziwa ngokuthi yi-Rieaco Bird Media ebeluhlele umcimbi wamaSiko Photo: nosipho mkhize

IQembu laKwaNyuswa elaziwa ngokuthi yi-Rieaco Bird Media ebeluhlele umcimbi wamaSiko Photo: nosipho mkhize

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU laKwaNyuswa elaziwa ngokuthi yi-Rieco Bird Media ibe nomcimbi wama Siko lapho bekukhangiswa ngoNobuhle nama Geza asemphakathini lo mcimbi obunesiqubulo esithi uNobuhle neGeza Heritage Day ubuse zinkundleni zemidlalo KwaNyuswa.
Kubonakale umphakathi ufika ngobuningi bawo uzothamela lo mcimbi obuhlanganise izinhlangaezahlukene.

Okhulumela abe-Rieco Bird Media uSibusiso Nzama uthe lo mcmbi ube yimpumelelo ngokuhlanganyela kwentsha, abadala, iziduna nama Khansela endawo.
“Lo mcimbi uhlanganise wonke amalungu omphakathi lapho bekukhonjiswa amathalente akhona emphakathini futhi uthokozelwe abahlukene kubalwa nalabo abathanda ezobuciko namaSiko.

“Lo mcimbi unike amalungu omphakathi ithuba lokuthi bagubhe amasiko ahlukahlukene . Labo abebe ngenele lo mncintiswano wonobuhle anama geza bebe lindeleke ukuba begqoke izingubo zesintu futhi amajaji akhethe loyo obashaye emakhanda. “Kwabe silisa kuwine uSfundo ‘Lah’ Ngcobo obe yigeza lo nyaka kwabesifazane kwa wina uLondeka ‘Sandla Sengcweti’ Zondi obe nguNobuhle womcimbi ka-2016.”

UNzama uthe iqembu lenza konke okuse mandleni ukuthi liqhakambise amathalente akhona emphakathini: “Kukona konke esikwenzayo ekuqhakambiseni amathalente emphakathini asifuni ukukhohlwa iSiko lethu Lokhu asikwenzanga kuphela ngokuthi kugqokwe imvunulo kodwa sikwenze nangoku ziphatha, inhlonipho nangomlando wesintu. Lo mcimbi ungomunye wemicimbi edonse amehlo eningi KwaNyuswa futhi umehluko siyawubona kwezobuCiko namaSiko. I-Rieco Bird Media ingezinye zezinhlangano ezaziwayo KwaNyuswa futhi isizenzele igama elihle emphakathini njengoba ilekelela intsha enamathalente ahlukene iphinde ilekelele labo abanama khono ahlukene. Okubalulekile wukuthi sifuna ukushintsha izimpilo zabantu abasha emphakathini.
“Sithanda ukubonga bonke abaxhasile kulo mcimbi ikakhulukazi ukhansela uMnuz Mthetheleli ‘Mthe’ Sibisi waku ward-103, sibonge uthishanhloko wesikole iKwaNyuswa Senior primary uMnuz Zondi, sibonge amalungu omphakathi waKwanyuswa nezitolo ezincane zasemphakathini (tuck shops), ngabe lomcimbi awubanga impumelelo ngaphandle kwalabo abasilekelelile. Siyethemba ukuthi umcimbi ka-2017 uzoza nokuningi okuhle.

Uma uthanda ukwazi kabanzi nge-Rieco Bird Media xhumana no-Able Zama Zuma enombolweni ethi: 0633989769 noma uSibusiso Nzama enombolweni ethi: 0739119912 noma uthumele umyalezi ngekheli le-email elithi: riecobirdonline@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.