Unobizo lokusiza umphakathi

2018-07-10 06:00
UMnuz Sbusiso Nzama oyilungu lenhlangano i-R2K ehambisana noMnuz Jabulani Nzama oyi-Community Care Giver.ISITHOMBE: sithunyelwe

UMnuz Sbusiso Nzama oyilungu lenhlangano i-R2K ehambisana noMnuz Jabulani Nzama oyi-Community Care Giver.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA waKwaNyuswa uMnuz Jabulani ‘Mjay’ Nzama, onothando lokusiza abantu emphakathini uthe umsebenzi awenzayo wokuba yi-Community Care Giver uwubizo lwakhe.

Uthe: “Lo msebenzi engiwenzayo wokuba yi-Community Care Giver ngiwubona uwubizo lwami ngoba bonke abantu engibasizayo emphakathini bahlezi bencoma indlela engibasiza ngayo, yize zikhona izingqinamba engibhekana nazo kepha ngenxa yothando lokusebenza nabantu kuvele kube lula konke.”

UMnuz Nzama uqale ukufunda amabanga aphansi KwaMnamatha Primary School wawaqeda eSt Lawrence Primary School wadlulela eSiyajabula High School. Emva kokuba ephothule umatikuletsheni kuningi akufundile kusukela ezifundweni ze-plumbing kuya ezifundweni ze-HIV/Aids.

Uthe: “Emva kokuba ngiphothule umatikuletsheni ngenze umsebenzi we-plumbing. Ngiphinde ngenza izifundo ze-HIV and Aids, eze-Home Based Care, eze-TB kanye nezifundo ze-First Aid. Ngo -2006 ngiqale ngokuba yi-volontiya ngaphansi kwe-Community Care Giver. Okuhle wukuthi ngo-2010 ngaqashwa ngokusemthetweni ngaphansi kwawo lomkhakha emtholampilo owaziwa ngokuthi yi-Halley Stott Clinic .”

UChaze kabanzi ngokuba yi-Community Care Giver wathi:

“Kuningi okwenziwa yi-Community Care Giver emphakathini kubalwa ukuqwashisa umphakathi ngezifo ezehlukene, ukunciphisa izinga lobubha ngokunika abantu ithemba emhakathini, ukugqugquzela abantu abadla imishwanguzo ngokuba nikeza ithemba lokuthi lemishwanguzo iyalekelela ekutheni inciphise amandla esifo emzimbeni nokuthi uma abantu bedla imishwanguzo ngendlela efanele bephinde bedle ukudla okunempilo, lingehla izinga labantu abashonayo futhi nempilo yabo ingahlale iyinhle,” kusho uMnuz Nzama.

Uthe kulo msebenzi usebenzisana neminyango ehlukahlukene ukuze kuqinisekiseke ukuthi msebenzi wenzeka ngendlala efanele. “Kulo msebenzi ngibambisene kakhulu nabantu bomphakathi kanye nezinhlaka ezahlukene kubalwa amakhansela nabanye ukuze kuqinisekiseke ukuthi sikhankasa ezokuphepha emphakathini nokuvikeleka kwabantu ezifweni ezithelelanayo ,” kusho yena.

Uthe akukho akuthanda kakhulu njengokubona abantu bethuthuka emphakathini futhi beziqhelelanisa nezinto ezingalungile. Uthe: “Ngihlezi ngigqugquzela umphakathi ukuthi uthande ukufunda nokuthi uzifundise ukuzivikela ezifweni ezithelelanayo nokwehlisa izinga lentsha elisebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni.

“Kubalulekile ukuthi sizihloniphe futhi kubalulekile ukuthi sizithande sigqoke ngendlela efanelekileyo uma siyintsha ngoba kwesinye isikhathi iyona eyenza sizithole sisenkingeni. Kumele intsha yazi ukuthi imfundo iyo ebalulekile kakhulu ngaphezu kwezinto zonke.”

Uthe isifiso sakhe wukuthi abe umsizi wezempilo wesilisa (male nurse) ngenxa yolwazi asenalo ekusebenzeni kulo mkhakha wezempilo.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngomsebenzi we-Community Care Giver noma uma udinga usizo ngokuchazeleka ngezifo ezithile ungashayela inombolo ethi: 062 699 6432.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.